UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Umsakazi woKhozi FM, uKhathide Ngobe, udalule ukuthi usalokhu ezithola ekhohlwa usuku lwakhe lokuzalwa, yize eselugubhe iminyaka eminingi.
UNgobe ukhulume lokhu enkundleni yezokuxhumana ngesikhathi ebonga umndeni wakhe ngokumkhumbuza ukuthi usuku lwakhe lokuzalwa selufikile.
“Ngibuye ngiyikhohlwe le shandis, kuyasho ukuthi ayikajwayeleki namanje,” kubhala yena ehlekisa.
Uthe ugcine ekhumbuzwe izingane zakhe kanye nonkosikazi wakhe, uMaNjengonina, ekuseni, lapho ebona khona ukuthi lolu wusuku akhumbula ngalo ukufika kwakhe emhlabeni.
Lo msakazi uphinde waveza ukuthi usuku lwakhe lokuzalwa luhambisana nosuku lweSonto, okuyinto ayitshelwa ngumama wakhe, uMaDumisa.
“Futhike kuqondene ngisho usuku impela, kwakuyiSonto ngo-3 ekuseni mhla ngifika emhlabeni. Wangitshela lokho uMaDumisa,” kusho yena.
Abalandeli bakaNgobe baphuthume ezinkundleni zokuxhumana bemfisela okuhle ngosuku lwakhe lokuzalwa, bemncoma ngomsebenzi wakhe wokugcina izigidi zabalaleli bezijabulisa emsakazweni.
UNgobe ungomunye wabasakazi abahlonishwayo kuKhozi FM, lapho esezakhele khona igama elikhulu emkhakheni wezokusakaza ngolimi lwesiZulu.







Leave a Reply