UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Isiteshi somsakazo esidumile KwaZulu-Natal, iGagasi FM, simemezele ukuqokwa komsakazi onolwazi olunzulu, uSilindile Ngobese, njengomsakazi omusha wezindaba zomgwaqo, kusukela mhla lu-1 kuNhlangulana 2026.
UNgobese, odabuka eMlazi, uzobe ephethe ukubika ngezimo zomgwaqo kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu phakathi kuka-06:00 no-12:00 emini, esiza abalaleli ukuthi bahlele kangcono uhambo lwabo ngezikhathi ezimatasa kakhulu emigwaqweni yesifundazwe.
Uqale umsebenzi wakhe emsakazweni iDurban Youth Radio lapho ayesebenza khona njengomethuli wezindaba .
Ukuzinikela kwakhe nomsebenzi osezingeni eliphezulu kwamenza wahola ithimba lezindaba ngaphambi kokuba aqokwe njengo-Managing Programmer eMUT Radio.
UNgobese uzovala isikhala esishiywe nguNokwanda Tema owajoyina uKhozi FM ngo-April.
UNgobese ungumsakazi wesibili weVuma FM ukujoyina iGagasi FM kulonyaka elandela uMzokoloko osethula uhlelo lwasemini.