UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Umdlalo owuchungechunge omusha waseNingizimu Afrika, i-Strings Attached, uzoletha indaba egcwele ukungabaza, ukhwantalala kubomabonakude.
Lomdlalo ukhiqizwe yi Ray Content Hub,uzosakazwa njalo ngoMsombuluko ngo-8 ebusuku ku Mzansi Magic (DStv Channel 161).
Lomdlalo ulandisa ngentombazane encane ephoqeleka ukuyeka isikole ukuze isekele umndeni wayo, kodwa impilo yayo ishintsha kakhulu lapho ithola ukunakwa yindoda ecebile nenamandla.
Umkhiqizi Omkhulu Thabile Ngwato uthe lo mqondo wakhiwa eminyakeni eminingana, kugxilwe ekuxoxeni indaba esondelene nempilo yabantu kodwa enesisekelo esiqinile emasikweni. “Bekubalulekile ukugxila endabeni enezingqimba eziningi, enamandla ngobuciko futhi ekwazi nempumelelo kwezentengiso,” kusho yena.
Mayelana nokubhekana nodaba olubucayi lokuhlukunyezwa ngokomzwelo nangokwengqondo, uNgwato uthe ithimba lababhali lisebenze nochwepheshe ukuqinisekisa ukuthi indaba iphathwa ngenhlonipho nobuciko obufanele, ikakhulukazi njengoba le ndaba ibalulekile eNingizimu Afrika.
Lolu chungechunge ludlalwa ngabalingisi Rosemary Zimu-Mnguni kanye no Melusi Mbhele, abathi uNgwato badlale indima enkulu ekuletheni ukujula kwemizwa okudingekayo.
Uphinde wathi ukubambisana okuhle nokuguquguquka phakathi kwethimba lokudala kusize ukugcina umoya ofanayo ochungechungeni, naphezu kwezikhathi ezimfishane nengcindezi yesabelomali.
Ngemuva kwempumelelo ye-reality show The Real City Makoti, iRay Content Hub ibona Strings Attached njengesinyathelo esilandelayo esifanele ezinhlelweni eziqoshiwe, iletha kubabukeli indaba egcwele ukungabaza nokujabulisa.