UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

Advertisement

IGAGASI FM LIHLONISHWE NGENDONDO KUMA KZN TOP BUSINESS AWARDS

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA 

Lesi siteshi siklonyeliswe ngePartnership Award ngenxa yobambiswano baso neHollywood Foundation ekufezeni izinhlelo zokutshalwa kwezimali emphakathini (CSI) ezilethe ushintsho oluhle emiphakathini yaseKwaZulu-Natal.

Phakathi kwezinhlelo ezihlonishwe yijaji kubalwa umkhankaso iGeleza Ne Gagasi – Adopt A School kanye neGagasi FM Christmas Miracle, osekusukela ngowezi-2023 uletha ithemba nosizo kubafundi, ezikoleni nasemindenini edinga ukwesekwa.

Le ndondo iqhubeka nokuqinisa isithunzi seGagasi FM njengesinye seziteshi zomsakazo ezithandwa kakhulu nezinomthelela omkhulu KwaZulu-Natal.

Ngaphandle kokujabulisa abalaleli, lesi siteshi siyaqhubeka nokusebenzisa umsakazo njengethuluzi lokuthuthukisa imiphakathi, ngokusebenzisa izinhlelo zeCSI, abasakazi baso kanye nezinhlelo ezikhuluma ngempilo namasiko acebile esifundazweni.

Lokhu kuhlonishwa kufike ngesikhathi iGagasi FM ligubha iminyaka engama-20 lisakaza ngo-2026. 

Ngokuhlanganyela nokuwina kwalo kumaBest of Durban Readers’ Choice Awards okuqale ukubanjwa kulo nyaka, le ndondo yeKZN Top Business Awards iyisikhumbuzo esikhulu somlando walesi siteshi.

Njengoba iGagasi FM liqhubeka nokugubha amashumi amabili eminyaka lisemoyeni, le miklomelo iqhakambisa ifa lalo eliqinile, ukuzinikela kwalo kubalaleli kanye nomsebenzi walo wokuletha ushintsho oluhle emiphakathini yaseKwaZulu-Natal.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *