UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
UMlingisi womdlalo Outlaws, Nirvana Nokwe-Mseleku, usephumele obala esola umlingisi ayedlala naye, Bonko Khoza, ngokumhlukumeza ngokocansi ngesikhathi kuqoshwa isigcawu sohlelo iRed Ink, olukhiqizwe yi-Bomb Productions ngoMandulo ka-2023.
UNokwe-Mseleku, obedlala indawo kaSihle Biyela kwiSizini yokuqala ye-Outlaws ngaphambi kokuthi ashintshwe kwiSizini yesibili, uthi lesi sigameko senzeka ngesikhathi kuqoshwa isiqephu socansi.
Ngokusho kwakhe, uKhoza wavele wavukelwa kakhulu ngesikhathi kuqoshwa, okwagcina sekubangela lokho akuchaza njengokuhlukunyezwa ngokocansi.
Lo mlingisi udalule lezi zinsolo ochungechungeni lwezinkundla zokuxhumana lapho abelane khona ngezithombe zama-email okusolwa ukuthi athunyelwa ngabaphathi bakhe kumkhiqizi, Desiree Markgraff.
Kula ma-email, kubikwa ukuthi kwakukhona ukukhathazeka ngendlela udaba olwaphathwa ngayo ngabaphathi
Ngokusho kukaNokwe-Mseleku, imingcele ecacile mayelana nalesi sigcawu yayisuke isivele ichaziwe kaningi ngaphambi kokuthi kuqale ukuqoshwa.
Uphinde waveza ukuthi umqondisi owayekhona endaweni yokuqopha kusolwa ukuthi wabona uKhoza evuma iphutha ngemva kwesigameko.
Uphinde wazibuza ukuthi kungani isigcawu esiseduze, lapho kusolwa ukuthi lokhu kwephulwa kwenzeka khona, sagcina sisusiwe ekuhlelweni kokugcina kohlelo.
UNokwe-Mseleku uthi ukususwa kwaleso sigcawu kukhombisa ukuthi kwakukhona ukukhathazeka ngaphakathi kwi-production ngalokho okwenzeka.
Lo mlingisi uphinde wasola ngokuthi abaphathi nabanye abaqondisi bokukhiqiza bamtshela ngemva kwesigameko ukuthi ukuziphatha kukaKhoza kwakungamukelekile futhi kungahambisani nomsebenzi wobungcweti, bemqinisekisa ukuthi lolu daba luzobhekwa.
Uphinde wathi imiyalezo ayithola ngemva kokuqoshwa yayiveza ukukhathazeka ngalokho okwenzekile futhi ithembisa ukuthi kuzothathwa izinyathelo ezifanele.
Komunye wemiyalezo ayishicilele emphakathini, uNokwe-Mseleku uphinde waveza ukukhathazeka ngokuphepha endaweni yokuqopha, esho ukuthi kusolwa ukuthi kwakusetshenziswe ummese wangempela ngesikhathi kuqoshwa.
Wabuza ukuthi ngabe ukuziphatha okuyingozi kungagcina kuthethelelwa ngokuthi umuntu “usangaphakathi esimweni somlingiswa.”
UNokwe-Mseleku uthi lesi sigameko sashintsha ngokuphelele indlela abuka ngayo imboni yezokungcebeleka.
Uveze ukuthi useyeke ngokuphelele ukulingisa, wathi ababukeli ngeke baphinde bambone ezinkundleni zokuxhumana zendabuko, nakuba esengase asebenzise amakhono akhe kwezinye izindlela zokudala