UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Kubukeka sengathi izinto sezimjikele kahle umsakazi woKhozi FM, Clarrisa Nomfundo Mfeka.
Lo msakazi wake wabhekana nesikhathi esinzima ngesikhathi eqala ukufika kulesi siteshi, njengoba abanye abalaleli babengamemukelanga kahle futhi bezwakalisa ukungamfuni emoyeni.
Kodwa ngokuhamba kwesikhathi usekwazile ukuzakhela indawo ezinhliziyweni zabalaleli abaningi ngenxa yesitayela sakhe esihlukile, ukuzethemba kwakhe nendlela akhuluma ngayo nabantu emoyeni.
UClarrisa akamusha emsakazweni njengoba wake wasebenza nakwezinye iziteshi okubalwa kuzo Gagasi FM, lapho azakhela khona igama emsakazweni nasemkhakheni wokukhuthaza intsha.
Uphinde waziwe ngomsebenzi wakhe wokuthuthukisa amantombazane asemasha ngaphansi kohlelo olubizwa ngeClarissa Cares, olwasungulelwa ukukhuthaza abafundi besifazane nokubafundisa ngezinto zempilo.
Izolo Khozi FM lufake i-post lumemezela ukuthi uClarrisa usesemoyeni, kwase kuvela imibono eminingi ekhombisa uthando olukhulu abalaleli abanalo ngaye.
Abanye bamncomile ngendlela aphatha ngayo uhlelo, kanti abanye bathi izwi lakhe liyabapholisa futhi liyabachaza uma belalele umsakazo.
Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi labo ababemgxeka ekuqaleni manje sebeguqukile, sebembona njengomunye wabasakazi abanekhono nabaletha amandla amasha emsakazweni wesizwe.