UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Uqweqwe lwentatheli kanye nomethuli wezinhlelo kumabonakude uDan Moyane usekhuze amazwe abhebhethekisa amanga ngeNingizimu Afrika, exwayisa ngokusabalala kolwazi olungahambisani neqiniso ezinkundleni zokuxhumana.
UBra Dan, njengoba edume kanjalo kwabaningi ungumethuli we SA Morning ku-eNCA, uthe amavidiyo amaningi akhombisa udlame olubhekiswe kwabokufika awamasha.
Uthe amanye aqoshwa kudala kodwa aphinde asatshalaliswa njengokungathi abonisa okwenzeka manje, okudala umfanekiso ongahambisani neqiniso laseSouth Africa.
UMoyane uphinde wakhuluma ngesipiliyoni sakhe ngesikhathi esekudingisweni eMozambique ngesikhathi sobandlululo.
Uthe wafika engenamaphepha asemthethweni kodwa wanikela emaphoyiseni, wabhaliswa , wavunyelwa ukuhlala nokusebenza ngokusemthethweni. Uthe lokhu kwakuwubumbano olwaluhambisana nomthetho.
Ugcizelele ukuthi le ndaba ayikhulumi ngobandlululo kwabokufika, kodwa imayelana nemithetho yezwe. Uthe akukho zwe elingavumela abantu ukuhlala ngaphandle komthetho walo.
Ubuye waveza ukuthi ububha, ukungalingani, nokungasebenzi kwandisa ukuncintisana ngezinsiza, ikakhulukazi lapho amabhizinisi athile engakhokhi intela noma engalandeli imithetho.
Ugxeke udlame, wanxusa ukuhlonishwa komthetho, futhi wacela nohulumeni ukuthi asebenzise amaqiniso aqinisekisiwe kunokulandela okuthrendayo ezinkundleni zokuxhumana.