UMSAKAZO NEWS NETWORK

SIZIKHIPHA ZISHISA!

I-AFRICA’S TRAVEL INDABA IZOVULA AMATHUBA EZOKUVAKASHA NOKUKHULISA UMNOTHO ETHEKWINI

8 views

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA

UNgqongqoshe Wezokuvakasha Patricia de Lille uthe i-Africa’s Travel Indaba ka 2026 izoba yinkundla ebalulekile yokukhulisa umnotho, ukusho lokhu ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni lo mcimbi eThekwini namuhla ekuseni.

Ekhuluma nababambe iqhaza embonini yezokuvakasha, uthe lo mcimbi awugcini nje ngokuba wuhlelo lwekhalenda, kodwa uyinkundla ehlanganisa abezokuvakasha, izinkampani zezindiza, amahhotela namabhodi ezokuvakasha ukuze kuvulwe amathuba okuhwebelana nawotshalomali e-Afrika.

Lo mcimbi uzovulwa ngokusemthethweni mhla ziyi-12 kuNhlaba nguMengameli Cyril Ramaphosa, okuyisibonakaliso sokubaluleka kwezokuvakasha ekukhuliseni umnotho wezwe.

Ngaphansi kwengqikithi ethi “Unlimited Africa: Growing Africa’s Tourism Economy”, i-Indaba ihlose ukuveza i-Afrika njengendawo evulekile yamathuba okuhwebelana kwezokuvakasha emhlabeni.

UDe Lille uthe ukukhula kwe domestic tourism ngo-35.6% ekuqaleni kuka-2026 kukhombisa ukukhula okuqinile kwalo mkhakha.

Uveze ukuthi ezokuvakasha ziqashe abantu abacishe babe yisigidi ngo-2024 futhi zanikela ngo-4.9% ku-GDP.

Ubalule nokutshalwa kwezimali okukhulu okubalwa ukunwetshwa kweV&A Waterfront ngo-R24 billion kanye nokuvulwa kweClub Med Resort.

Ngonyaka odlule i-Africa’s Travel Indaba yakhiqiza umsebenzi wezomnotho ongaphezu kuka-R600 million futhi yasekela imisebenzi engaphezu kuka-1 100.

Kulindeleke ukuthi uhlelo lwango-2026 luhehe ababukisi abangaphezu kuka-1 100 nabathengi abacishe babe yi-1 000, kuhlanganise nezinhlelo ezintsha zokuxhumana nezifundo zedijithali.

UDe Lille uthe lo mcimbi uzoqhubeka nokuphakamisa i-Afrika njengendawo ehamba phambili kwezokuvakasha, ukuhwebelana kanye notshalomali.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *