UMSAKAZO NEWS NETWORK

SIZIKHIPHA ZISHISA!

USHAQISE ABANINGI OWE VUMA FM ETHI UMCULI UZIFUNELA AMA DRUGS KUPHELA

8 views

UMZUKULU KAMHLANGAYELWA

Kuvele kwashuba emsakazweni i-Vuma FM kulandela amazwi ashubile omsakazi u-Bongani Mtolo ngesikhathi ephawula ngempilo nomsebenzi womculi we-hip hop u-Emtee.

UMtolo ukhulume lokhu ngesikhathi eqeda ukudlala ingoma ethi Abazazi ka-Big Zulu no-Emtee.

Uthe okubuhlungu ukuthi lo mculi ubonakala engasenakho ukuqonda okuqinile ngezinto azifunayo empilweni, wengeza ngokuthi izidakamizwa iyona into ayifunayo.

Le nkulumo ishiye ozakwabo beshaqekile ekuqaleni, Nokho, uMtolo ugcizelele ukuthi ukungakhulumi iqiniso kungalimaza lomculi kakhulu.

“Okukhathazayo ukuthi asimtsheli iqiniso. Izidakamizwa zingabulala ikhono lakhe lokudala umculo nokucula. Uma sithula, siyamvumela aqhubeke nokubulala ikusasa lakhe,” kusho uMtolo.

U-Emtee, ongomunye wabaculi abake baba sezingeni eliphezulu emculweni waseNingizimu Afrika, uke wabhekana nezinsolo eziningi eziphathelene nokusebenzisa izidakamizwa.

Eminyakeni eyedlule uke wavela ezimweni ezikhathazayo kubalandeli, okubalwa ukubonakala edidekile esiteji kanye nemibiko yokuthi wake waphuthelwa imicimbi noma wafika engasesimweni esifanele ukusebenza.

Noma kunjalo, abanye abalandeli bakhe baqhubeka bemeseka, bethi unekhono eliyingqayizivele futhi usengakwazi ukubuyela esicongweni uma ethola usizo futhi agxile ekulungiseni impilo yakhe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *