UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

ITHI AYINANDABA NOKUTHUKWA INTOKAZI EBHADLAZE INYANGA YODUMO ENGONDLI INGANE YAYO

Intokazi enengane nenyanga yodumo isiphumele obala yathi ayinandaba nokuthukwa emva kokuba ibhadlaze ezinkundleni zokuxhumana ukuthi lokhokhovula wenyanga akayondli ingane.

UThandoe Mseleku uthi wahlanga no Dr Khehlelezi ngo 2019 ezisebenzela endaweni yokudla kuFlorida Road,nokuyilapho baqala khona ukuthandana, lokhu akwenzayo akakwenzi ngoba efuna imali.

“Ingane isigule for 5 full years, yenza ngisho iheart surgery, inama seizure, ayihambi ayikhulumi, odokotela abayitholi inkinga,” kubhala yena.

Uthe usechithe iminyaka egijima ezibhedlela efuna usizo kodwa isimo sengane siyaqhubeka nokuba sibi. Uphinde waveza ukukhathazeka ngokuthi mhlawumbe ingane yakhe ingase ibe ne-albinism, nakuba ethe akanasiqiniseko ngalokho.

Ngaphandle kwezinkinga zempilo, uMseleku uphinde wasola uDkt Khehlelezi ngokungamsekeli ngokwezimali. Uthe inkantolo yamyalela ngonyaka odlule ngoMeyi ukuthi akhokhe imali yesondlo nyanga zonke, kodwa uthi akakaze alandele lowo myalelo.

“ECourt bamtshela last year May ukuthi akafake malini monthly kodwa akaze akwenze loko,” kusho yena.

Uphinde wathi utshelwe ukuthi ngeke aphumelele kuleli cala ngoba engenayo imali, into athe imshiye ezizwa engenathemba futhi ekhathele ukuhlushwa ubuhlungu.

Lezi zinsolo zikaMseleku zidonse ukunaka okukhulu emphakathini njengoba uDkt Khehlelezi engumelaphi wendabuko odumile futhi engenele ukhetho njengekhandidethi leMK Party.

Lentokazi ithi ayinandaba nabantu abayithukayo kodwa ibisikhathele ukuthula yonke leminyaka ingatholi ukwesekwa yilenyanga. 

UMsakazo News Network uzamile ukuthola ukuphawula kukaDkt Khehlelezi mayelana nalezi zinsolo, kodwa bekungakatholakali impendulo ngesikhathi kushicilelwa le ndaba.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *