UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

Advertisement

KUSHWAQE IZINWELE OWAXOSHWA KWIGAGASI FM EDALULA “AMAHLAZO” KAHLOPHE NAWESITESHI

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA 

Kushwaqe izinwele ngemuva kokuba usomahlaya odumile nowaxoshwa kuGagasi FM, uFlymotion, eveze izinsolo ezibucayi ngoFelix Hlophe kanye nomsakazo iGagasi FM.

Ekhuluma kwi-On Point with Sandy Nene Podcast, uFlymotion ushiye abaningi bebambe ongezansi ngesikhathi echaza imbangela yokungaboni ngaso linye kwakhe noHlophe.

Uthe ukungezwani kwabo kwaqala ngoba wayesekhathele ukuba “ingcelebane” kaFelix Hlophe.

“Ukukhuluma nje iqiniso, sabanga ngoba ngase ngikhathele ukuba ingcelebane yakhe. Naye lowamjita uyisuphuphuku nje. Ukube asixabananga, ngabe siyi-powerhouse uma kuza kwi-comedy la eMzansi,” kusho uFlymotion.

Akagcinanga lapho. Uphinde wathi okuningi okukhonjiswa ohlelweni lwe-reality lukaFelix Hlophe kungamanga aluhlaza cwe!

“Leyonto yokuthi unemizi emibili ayikho. Omunye umuzi ungowenkampani ekhiqiza uhlelo. Nalena yesithembu amanga aluhlaza nje. Wayezama ukuzenza uMseleku, kodwa ke akuhambanga kahle,” esho.

Losomahlaya uphinde wasola  iGagasi FM ngokuthi kade lalihlela ukumketula ngesikhathi esasebenza khona. 

Uthi baqale ngokumkhipha emoyeni, bangamniki nezinsiza zokwenza umsebenzi wakhe ngendlela efanele.

Uphinde wathi ngesikhathi umsakazo uqala ukucabanga nge-podcast, wayenethemba lokuthi uzoyinikwa ngenxa yegalelo lakhe.

 Nokho, uthi abaphathi bakhetha ukuyinikeza uMfundisi, okuyisinqumo athi asizange siphumelele ngendlela ababebecabanga ngayo.

UFlymotion uphinde waveza ukuthi usenezinhlungu ngeGagasi FM, ethi ukholelwa ukuthi umsakazo wamphuca nethuba lokuwina indondo.

“Ngase ngiqokiwe kumaLiberty Radio Awards, kodwa ngoba sase sixabene neGagasi FM, babhalela abahleli ukuthi basuse igama lami,” kusho yena.

Losomahlaya uthe namuhla akasawucabangi nhlobo umsakazo iGagasi FM futhi akanaso nhlobo isifiso sokuphinde abuyele khona.

Lezi zinsolo zikaFlymotion azikaphendulwa nguFelix Hlophe noma iGagasi FM ngesikhathi kushicilelwa le ndaba.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *