Usomabhizinisi wodumo waKwaZulu-Natal, uShauwn “MaMkhize” Mkhize, usekhwele wadilika kowayengumyeni wakhe, uSbu Mpisane, emtshela ukuthi sekuyisikhathi sokuthi aphume ayozisebenzela kunokuqhubeka nokubanga izinto athi wazithola engazange azisebenzele.
UMaMkhize, owaziwa ngokuphila impilo kanokusho nokuba negalelo kwezamabhizinisi nakwezemidlalo, uveze lokhu esitatimendeni esisabalale ezinkundleni zokuxhumana, lapho ekhuluma khona ngokungaboni ngaso linye okuqhubekayo phakathi kwakhe nowayengumyeni wakhe.
Kulesi sitatimende, uMaMkhize uthi ngesikhathi behlukana, uMpisane wasala neqembu lebhola iRoyal Eagles Football Club, umuzi wabo ababewuhlala njengabashadikazi eLa Lucia, enyakatho yeTheku, kanye nezimoto zikanokusho.
Uthi okumcasula kakhulu ukuthi uMpisane wasala nalezi zinto nakuba, ngokusho kwakhe, engazange azisebenzele.
“Ngakushiya neqembu lebhola iRoyal Eagles, umuzi wethu womshado eLa Lucia kanye nezimoto zikanokusho. Sengathi lokho kwakunganele, wasala nakho konke lokhu nakuba ungazange ukusebenzele. Ngicela manje uphume uyosebenza njengoba kwenza amanye amadoda,” kusho uMaMkhize.
La mazwi akhe aveza ukuthi kusekhona ukungezwani phakathi kwalaba abake baba ngabashadikazi, nakuba sekuphele isikhathi bahlukana.
UMaMkhize uthi okumkhathaza kakhulu manje akusikho ukubangwa kwempahla kuphela, kodwa umthelela walezi zingxabano emndenini wabo.
Uthi indodana yabo nabazukulu babo akufanele bazithole sebephakathi kwezingxabano zabantu abadala, ikakhulukazi uma lezo zingxabano seziqhubeka obala ezinkundleni zokuxhumana.
“Okungikhathaza kakhulu indodana yethu nabazukulu bethu. Uma ungakwazi ukungihlonipha mina, ngicela okungenani ucabange ngomthelela walezi zingxabano eziqhubeka emphakathini emndenini wethu. Indodana yethu nabazukulu bethu bafanelwe okungcono kunokuzithola sebephakathi kwezinkinga zethu,” kusho yena.
Lo somabhizinisi uphinde wakubeka kwacaca ukuthi akazimisele ukuqhubeka nokuphendulana nowayengumyeni wakhe esidlangalaleni.
Uthe usekusho konke abona kufanele akusho, manje usefuna izindaba ezisasele zidingidwe ngezindlela ezifanele zomthetho.
“Sengikushilo konke engibona kufanele ngikusho. Ngeke ngiqhubeke nokuphendulana esidlangalaleni. Izinqubo zomthetho ezifanele maziqhubeke,” kusho uMaMkhize.
Uthe into ebaluleke kakhulu kuyena njengamanje ukuvikela ukuthula kwakhe, indodana yakhe, abazukulu bakhe kanye nakho konke asebenze kanzima ekwakha empilweni yakhe.


















Leave a Reply