UBUYELE NGESINYENYELA UKHUZANI EMJAHWENI WENGOMA EHLUKANISA UNYAKA OKHOZINI FM!

Ubuye ngesinyenyela emjahweni wengoma ehlukanisa unyaka oKhozini FM umculi kamaskandi odumile, uKhuzani Mpungose, owake wamemezela ukuthi useyahoxa kulolu hlelo.

Lokhu kuvele ngemuva kokuthi uKhozi FM lukhiphe uhlu lwezingoma ezizongenela umjaho weNgoma Ehlukanisa Unyaka ka-2026, lapho kuvela khona nengoma kaKhuzani ayicule noSiyantu, ethi Impilo Yami.

Okumangaza abaningi wukuthi uKhuzani wake wakubeka kwacaca ukuthi ngeke esaphinde azibandakanye nalo mncintiswano, kodwa manje igama lakhe seliphinde lavela phakathi kwabaculi abazobe bebanga isicoco sokuphetha unyaka kulo msakazo.

Nakuba phambilini ayekumemezele obala ukuhoxa kwakhe, kulokhu akukabi khona simemezelo esivela kuyena esichaza ukuthi yini esimenze washintsha umqondo.

Akukacaci nokuthi nguyena yini ofake ingoma yakhe emncintiswaneni noma ifakwe ngenye indlela.

UKhuzani akamusha kulo mjaho, njengoba engomunye wabaculi bakamaskandi asebeke baba sematheni ngenxa yombango wengoma ehlukanisa unyaka oKhozini FM.

Ukuvela kwakhe kulolu hlu kuphinde kwavula amathuba okuthi abalandeli bakhe, abadume ngokumeseka ngentshiseko, baphinde bazibandakanye emjahweni wokuvotela ingoma abazongena ngayo onyakeni omusha.

Phakathi kwabanye abaculi abasohlwini kukhona uMthandeni SK, uSjava, uProfessor, uZee Nxumalo, uThatoHatsi noMenzi.

Ngokwesimemezelo salo msakazo, abalaleli bazovotela ingoma abayithandayo ngokuthumela i-SMS enohlamvu lwengoma enombolweni ethi 32253. Ukuvota kuzovalwa ngomhlaka-30 Novemba 2026.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *