ZIHAMBE KAHLE IZINGXOXO ZE-ACTIONSA, I-MKP NE-ANC ZOKUBUMBA UHULUMENI KOMASIPALA

Iqembu le-ActionSA KwaZulu-Natal selihlangane namaqembu amabili amakhulu, uMkhonto weSizwe Party (MKP) kanye ne-African National Congress (ANC), ezingxoxweni zokubumba ohulumeni bokubambisana komasipala kulandela ukhetho lohulumeni basekhaya lwango-4 Novemba 2026.

Lezi zingxoxo ziza ngesikhathi amaqembu ezombusazwe ebanga izikhundla zokuphatha omasipala abahlukene esifundazweni, okubalwa kubo uMasipala weTheku, lapho lingekho iqembu elithole izihlalo ezanele ukuba lizibambele lodwa izintambo zombuso.

Umholi we-ActionSA KwaZulu-Natal, uZwakele Mncwango, ukuqinisekisile ukuthi iqembu lakhe lihlangane ne-MKP ngoMsombuluko, 9 Novemba, ngaphambi kokuhlangana ne-ANC ngoLwesibili, 10 Novemba.

UMncwango uthe i-ActionSA izimisele ukuxoxisana namaqembu ahlukene, kodwa yagcizelela ukuthi ngeke ingene kuhulumeni wokubambisana ngaphandle kokuba kuvunyelwane ngezinto ezibalulekile eqenjini lakhe.

Phakathi kwezinto leli qembu elizibeke etafuleni kubalwa ukuthuthukiswa kokulethwa kwezidingo kubantu, ukulwa nenkohlakalo, ukubuyiselwa kwemisebenzi ethile kamasipala ngaphansi kokuphathwa ngumasipala kanye nokubhekelelwa kodaba lwabokufika abangenazo izincwadi ezisemthethweni.

UMncwango uthe iqembu lakhe likulungele ukuhlala emabhentshini aphikisayo uma amaqembu elifuna ukusebenzisana nawo engavumelani nale mibandela.

I-ActionSA iphinde yagcizelela ukuthi noma yisiphi isivumelwano sokubambisana kufanele senziwe obala ukuze umphakathi wazi ukuthi amaqembu avumelene ngani.

Ngokwemibiko ephume ngoLwesibili, umhlangano phakathi kwe-ActionSA ne-ANC uchazwe njengobe nokuxoxisana okuhle nokuhloniphana.

Ngakolunye uhlangothi, ilungu lethimba le-MKP elihola izingxoxo zokubumba ohulumeni bokubambisana, u-Advocate Dali Mpofu, nalo likuqinisekisile ukuthi kube nezingxoxo phakathi kweqembu lakhe ne-ActionSA.

UMpofu uchaze lezo zingxoxo njengezibe yimpumelelo, nakuba kungakamenyezelwa sivumelwano esisemthethweni phakathi kwala maqembu.

UMasipala weTheku ungomunye womasipala ababhekwe kakhulu kulezi zingxoxo njengoba i-MKP iphume phambili okhethweni, kodwa yangakwazi ukuthola iningi elizoyivumela ukuba ibuse yodwa.

I-ActionSA yona inyuse isibalo sezihlalo zayo eThekwini zisuka kwezine zaya kweziyisikhombisa, okuyibeka phakathi kwamaqembu angaba neqhaza ekubunjweni kukahulumeni omusha.

UMncwango useke waveza ukuthi iqembu lakhe alibophekile ukusebenzisana neqembu elilodwa kubo bonke omasipala.

Lokhu kusho ukuthi i-ActionSA ingase isebenzisane ne-MKP komunye umasipala, bese isebenzisana ne-ANC noma elinye iqembu komunye, kuye ngezivumelwano okufinyelelwa kuzo.

Ngaphandle kweTheku, i-ActionSA ibambe iqhaza ezingxoxweni ezithinta omasipala okubalwa kubo uMsunduzi, iNewcastle, iKwaDukuza kanye noMhlathuze.

UMncwango uthe basalinde izimpendulo zeDemocratic Alliance (DA) ne-Inkatha Freedom Party (IFP) mayelana nezingxoxo ezingase zibe khona.

Khonamanjalo, i-MKP isike yamemezela ithimba likazwelonke elihola izingxoxo zokubumba ohulumeni bokubambisana, elihlanganisa uMpofu, uDuduzane Zuma, uTony Yengeni kanye noWillies Mchunu.

Leli qembu selikubeke kwacaca ukuthi noma yisiphi isivumelwano sokubambisana kuzodingeka sigunyazwe ngumholi walo, owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma.

Okwamanje akukabi khona sivumelwano esisemthethweni esimenyezelwe phakathi kwe-ActionSA, i-MKP ne-ANC KwaZulu-Natal.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *