KUBIKWA UKUTHI URAMAPHOSA UCABANGA UKWESULA NGEMUVA KOKUSHAYWA KWE-ANC OKHETHWENI

Sekuvele imibiko ethi uMengameli we-African National Congress (ANC), uCyril Ramaphosa, useveze ukuthi angase asule esikhundleni sokuhola leli qembu kulandela ukwehla okukhulu kokwesekwa kwalo okhethweni lohulumeni basekhaya lwango-2026.

Ngokubika kwephephandaba i-Sunday Times, uRamaphosa kubikwa ukuthi uveze lo mbono ezingxoxweni nabanye abaholi abaphezulu be-ANC, kulandela imiphumela yokhetho eshiye leli qembu lilahlekelwe kakhulu ukwesekwa ezindaweni ezahlukene ezweni.

Leli phephandaba libika ukuthi okungenani amalungu amahlanu eNational Executive Committee (NEC) aqinisekise ukuthi uRamaphosa uke waphakamisa ukuthi angase ashiye isikhundla sakhe.

Kubikwa ukuthi uRamaphosa uphakamise nokuthi bonke abaholi abayisikhombisa abaphezulu be-ANC besule ezikhundleni zabo ukuze kuvuleke indlela yobuholi obusha.

Nokho, kuthiwa iPhini likaMengameli we-ANC, uPaul Mashatile, alizange liwusekele lo mbono, laphakamisa ukuthi ubuholi buqale buhlaziye imiphumela yokhetho ngaphambi kokuthatha izinqumo ezinkulu.

Kuphinde kwabikwa ukuthi uMaropene Ramokgopa uphakamise ukuthi leli qembu licabange ukubamba ingqungquthela yokukhetha ubuholi ngaphambi kwesikhathi, okungenzeka ibe ngo-Ephreli 2027.

Le mibiko iza ngesikhathi i-ANC ibhekene nengcindezi kulandela ukwehla kokwesekwa kwayo okhethweni.

Ngokwemiphumela yesikhashana  i-ANC ibisahamba cishe ku-31% wamavoti ezweni lonke, ngesikhathi iDemocratic Alliance (DA) iku-25%, kanti uMkhonto weSizwe Party (MKP) uku-10%.

KwaZulu-Natal, i-ANC nayo ibhekane nokuncipha kokwesekwa, njengoba i-MKP iqhubeke nokuyiphonsela inselelo ezindaweni eziningi.

Nokho, okhulumela i-ANC, uMahlengi Bhengu, utshele i-Sunday Times ukuthi akanalo ulwazi ngalezi zingxoxo okubikwa ukuthi zenzekile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *