Njengoba sekusele izinyanga ezimbalwa ukuthi kuvulwe inxanxathela yezitolo entsha iNtuzuma Mall, sekuvela izicelo ezihambisana namahlaya ezinkundleni zokuxhumana, lapho abanye benxusa khona abahlali ukuba bangayi kule nxanxathela begqoke izingubo zokulala.
INtuzuma Mall, eyakhiwa ngemali elinganiselwa ku-R390 million, isisemalungiselelweni okugcina njengoba kulindeleke ukuthi ivule iminyango yayo ngoMashi 2027, idale namakhulu amathuba emisebenzi.
Izithombe zale nxanxathela, esesisondele ekuphothulweni, zisabalala ezinkundleni zokuxhumana, zidonsa amehlo abantu abaningi, okuhlanganisa nalabo asebeqala ukuphawula ngendlela abazothanda ukuthi abantu baziphathe ngayo uma sebevakashela le ndawo.
Omunye wabasebenzisi bakaFacebook, owaziwa ngelikaZulu Bae, usephakamise udaba oselujwayele ukuba yihlaya ezinkundleni zokuxhumana, lokubonakala kwabanye abantu ezinxanxatheleni zezitolo begqoke izingubo zokulala.
“Ningayenzi le nto yakwaMashu yokuhamba ngezingubo zokulala. Siyazi ukuthi nisemakhaya, kodwa fakani obhodi phela nezikhindi zangaphansi, makhelwane,” kubhala uZulu Bae.
Lokhu kuphawula, okushiwo ngendlela yokuncokola, kuqondiswe kubantu abazosebenzisa le nxanxathela uma isivuliwe, kubakhuthaza ukuba banake indlela abagqoka ngayo lapho bevakashela izindawo zomphakathi.
Amazwi akhe aphinde avuse inkulumo-mpikiswano ngendlela abantu abagqoka ngayo uma beyothenga, ikakhulukazi ezinxanxatheleni ezisezindaweni abahlala kuzo.
Abanye babheka izinxanxathela zezitolo njengezindawo zomphakathi lapho kufanele kugqokwe ngendlela efanele, kanti abanye bakholelwa ukuthi umuntu unelungelo lokugqoka ngendlela azizwa ekhululekile ngayo, inqobo nje uma engaphuli mithetho.
Ngakolunye uhlangothi, ukwakhiwa kweNtuzuma Mall kuqhubeka nokuletha ithemba lokuthuthuka komnotho kule ndawo, njengoba le nxanxathela kulindeleke ukuthi isondeze izitolo ezinkulu nezinsiza ezahlukene kubahlali baseNtuzuma, KwaMashu, Inanda namaphethelo.
Le phrojekthi iphinde ibhekwe njengethuba lokuvulela abantu bendawo imisebenzi kanye nokukhulisa amabhizinisi amancane angase ahlomule ngokusebenza kwale nxanxathela.
Nakuba kubikwa ukuthi izovulwa ngoMashi wonyaka ozayo, imininingwane esemthethweni mayelana nenani lezitolo ezizosebenza kuyo, izinkampani ezizongena kanye nesibalo esiqondile semisebenzi ezodaleka isalindele ukuqinisekiswa.













Leave a Reply