UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

UKHETHO OLUZAYO LUVUSA IMINJUNJU ESIKHULWINI ESAXOSHWA UMASIPALA WETHEKU

Owabe eyinhloko yoMnyango wezamaPaki, ezokuNgcebeleka namaSiko kuMasipala weTheku, uThembinkosi Ngcobo, usephumele obala, wathi ngeke aphinde ayivotele i-ANC impilo yakhe yonke.

UNgcobo, owaziwa ngelikaMapholoba, usola i-ANC ngokumshiya dengwane ngesikhathi ebhekene nezinsolo zokungahambi kahle kwezimali ezazithinta abasebenzi bakamasipala abangaphansi kwakhe.

Uthi okumphatha kabi kakhulu ukuthi yena wagcina exoshiwe emsebenzini, kanti omunye umuntu okusolwa ukuthi wayethinteka kulolu daba wagcina esethole isikhundla sokuba yilungu lesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, ngaphambi kokuqokwa njengoNgqongqoshe (MEC) kahulumeni wesifundazwe.

UMapholoba uthi umasipala walivula ngempela icala  elithinta abesebenzi ababili, elabhaliswa ngaphansi kwenombolo ethi CAS 782/101/2018.

“Bekulokhu kuwumbono wami oqinile ukuthi umasipala walivula leli cala ngenhloso yokubonisa nje ukuthi kukhona akwenzayo, hhayi ngoba wawufuna ukuthathela labasebenzi izinyathelo” kusho uNgcobo.

Lolu daba luthinta izinsolo zokukhokhwa kuka-R140 000 kusonkontileka okusolwa ukuthi akawenzanga umsebenzi ayekhokhelwe wona. 

Imibiko yangaleso sikhathi yathi u-R130 000 kuthiwa wadluliselwa kwenye i-akhawunti, kwathi u-R10 000 wasala.

UNgcobo waxoshwa ngoJuni 2021 kulandela ukuqulwa kwecala lokuqondiswa kwezigwegwe, lapho atholakala khona enecala lokwehluleka ukubika izinsolo zenkohlakalo.

Nokho, akazange avumelane nesinqumo sokuxoshwa kwakhe, waphikisana naso wathi indlela okusingathwe ngayo lolu daba yayinezinkinga.

Manje usejoyine iMK Party, kanti amazwi akhe akhomba ukuthi usefulathele i-ANC unomphela ngenxa yendlela athi uphathwe ngayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *