Owayengumsakazi weGagasi FM, uPenny Ntuli, usephinde wavusa umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokushiya umlayezo oyimfihlakalo obonakala sengathi ukhomba lapho engase abuyele khona emsebenzini womsakazo.
UPenny ubhale namuhla wathi:
“Njengoba ngingase ngbuyele eThekwini, angiyi enyonini ngyemanzini .”
Lawa mazwi asheshe adala ukuqagela kubalandeli bakhe, ikakhulukazi ngenxa yokusebenzisa kwakhe igama elithi “emanzini”.
Abalandeli bomsakazo sebesola ukuthi kungenzeka ukuthi le nkomba ibhekise kwi Gagasi FM, njengoba leli siteshi sinobudlelwano obuqinile nolwandle, kanti igama elithi “Gagasi” ngokwalo lihlobene namanzi.
UPenny uke waba ngomunye wabasakazi abaziwayo kwGagasi FM ngaphambi kokushiya lesi siteshi ngo-2024. Kusukela lapho, ube eseqhubeka nomsebenzi wakhe womsakazo eGoli.
Muva nje, lo msakazi udalule ukuthi uthole ithuba lokubuyela esiteshini somsakazo esizinze KwaZulu-Natali. Nokho, akazange asidalule igama laleso siteshi.
Manje, le nkulumo yakhe yakamuva isiphinde yavusa imibuzo yokuthi ngabe uPenny ubesenika yini abalandeli bakhe inkomba yokuthi ubuyela eGagasi FM.
Okwamanje, akukho simemezelo esisemthethweni esivela kuPenny Ntuli noma kuGagasi FM esiqinisekisayo ukuthi usebuyela kulesi siteshi.











Leave a Reply