Owayengumsakazi wohlelo lwasekuseni kuKhozi FM, uSipho Mbatha, unethemba lokuthi uzobuya nomklomelo kumaSouth African Podcast Awards 2026, njengoba i-podcast yakhe, iRedeemed Media SA, iqokelwe ukuhlomula.
UMbatha, owashiya uKhozi FM ekuqaleni kwalo nyaka ngemuva kokungavuselelwa kwenkontileka yakhe, usephinde wazithola esematheni ngenxa yempumelelo ayenzayo emkhakheni wama-podcast.
I-Redeemed Media SA Podcast ingelinye lama-podcast amathathu aqokelwe umklomelo esigabeni se-Best Faith and Spirituality Podcast kumaSouth African Podcast Awards 2026.
Lo msakazi, ongakufihli ukuthi ulangazelela ukunqoba, usecele abalandeli bakhe ukuthi baqhubeke nokumkhulekela njengoba sekusele usuku olulodwa ngaphambi kokumenyezelwa kwabazonqoba.
“Are you guys still praying for us to come back with it tomorrow?” kubuza uMbatha kubalandeli bakhe.
Ngala mazwi, uMbatha ukhombise ukuthi usenethemba lokuthi iRedeemed Media SA izokwazi ukugudluza izimbangi zayo ibuye nomklomelo.
Ngokohlu lwabangene kowamanqamu olushicilelwe kwiwebhusayithi esemthethweni yamaSouth African Podcast Awards, iRedeemed Media SA Podcast izobhekana ne-Bybelstories in Afrikaans, eyethulwa nguCarin Conradie, kanye ne-The Soul Khaya, eyethulwa nguMandy Trollip.
Ukuqokwa kukaMbatha kuza ezinyangeni ezimbalwa ngemuva kokuphela kohambo lwakhe kuKhozi FM, okuyisiteshi somsakazo esingesinye sezilalelwa kakhulu eNingizimu Afrika.
Ukushiya kwakhe lesi siteshi ekuqaleni kuka-2026 kwalandela isinqumo sokungayivuseleli inkontileka yakhe, nokwaholela ekutheni aqhubeke nomsebenzi wakhe wezokusakaza kwezinye izinkundla.
Manje usezithole esethubeni lokuthola ukuhlonishwa ezingeni likazwelonke ngomsebenzi wakhe weRedeemed Media SA Podcast.
Le podcast igxile ezindabeni zokholo, ezikamoya kanye nezingxoxo ezihlose ukukhuthaza nokwakha abantu.
Ukuqokwa kwayo esigabeni sama-podcast ezenkolo kusho ukuthi umsebenzi kaMbatha usungene kowamanqamu emncintiswaneni ohlanganisa abasunguli bama-podcast abahlukene eNingizimu Afrika.
Kuzocaca ngoLwesithathu, 11 Novemba 2026, ukuthi uMbatha uzophumelela yini ukubuyela ekhaya ephethe umklomelo awulangazelelayo.
Okwamanje, amehlo abalandeli bakhe athe njo emiphumeleni, njengoba lo msakazi eselinde ukuzwa ukuthi iRedeemed Media SA izomenyezelwa yini njengomnqobi.

















Leave a Reply