UTHI UZOKWENZA IMALI HHAYI UKUXOSHA ABANTU UMPHATHI OMUSHA WOMHLOBO WENENE FM NE TRU FM!

Umphathi omusha weziteshi zomsakazo zakwaSABC e-Eastern Cape, uThami Dickson, uthi akazimisele ukufika ashintshe yonke into eziteshini azoziphatha, kodwa ufuna ukwakhela phezu kwalokho osekuvele kusebenza kahle, aqinise lapho kunezikhala khona.

UDickson uqokwe esikhundleni sokuba yiBusiness Manager yo-Umhlobo Wenene FM ne-truFM, engena ezicathulweni zomculi nomphathi wezokusakaza uLoyiso Bala, owashiya lesi sikhundla ekupheleni kukaJuni 2026, ngemuva kweminyaka emihlanu esiphethe.

Lo mphathi omusha, onolwazi olungaphezu kweminyaka engama-25 emkhakheni wezokusakaza, ubekhuluma ohlelweni lwasekuseni i-Ibrakfesti Eyondlayo Ekuseni, olusakazwa kuMhlobo Wenene FM, ngoLwesithathu, 11 Novemba.

Ephendula imibuzo mayelana nezinguquko ezingase zenzeke kulezi ziteshi, uDickson uthe kubalulekile ukuthi umphathi omusha aqale aqonde isimo sendawo asezosebenza kuyo ngaphambi kokuthatha izinqumo.

“Alibe khona (izembe) kodwa libambe. Akungathi ufika ube usugawula usudiliza. Yima ubuke, uhlelo isimo nokuthi izinto zihleli kahle nangendlela okumele zihlale ngayo. Ungamoshi uma zihleli kahle kodwa qinisa lapho kunezikhala khona,” kusho uDickson.

Lawa mazwi akhe akhombisa ukuthi ufuna ukuqala ngokuhlola ukusebenza kweziteshi, kunokuphuthuma ukwenza izinguquko ezingase ziphazamise izinhlelo ezikhona.

Phakathi kwezinto azibeke eqhulwini kubalwa ukukhulisa isibalo sabalaleli, ukuqinisa ubudlelwano nabakhangisi nokwandisa imali engeniswa yilezi ziteshi.

UDickson uthe iziteshi zomsakazo zidinga ukwenza imali ukuze zikwazi ukuqhubeka nokusebenza nokukhokhela abasebenzi bazo.

“Kumele sizame madoda ukuthi senze imali. Asinayo enye indlela ngale kwalokho ngeke nikwazi ukuhola,” kusho yena.

Uphinde waveza ukuthi ufuna ukuqinisa ubudlelwano nabaholi bendabuko, osomabhizinisi, uhulumeni kanye nemiphakathi elalela lezi ziteshi.

Ukuqokwa kwakhe kuza ngesikhathi iziteshi zomsakazo zibhekene nokuncintisana okuqhubekayo nezinkundla zokusakaza ezisebenzisa ubuchwepheshe besimanje, okubalwa kuzo ama-podcast, izinkundla zokuxhumana nezinhlelo zokusakaza ezitholakala ku-inthanethi.

Njengomphathi walezi ziteshi ezimbili, uzobhekana nomsebenzi wokugcina abalaleli abakhona, ukuheha abasha nokwandisa amathuba okukhangisa.

Umhlobo Wenene FM ngesinye seziteshi ezinkulu ezisakaza ngesiXhosa eNingizimu Afrika, kanti i-TruFM igxile kakhulu kubalaleli abasebasha, isebenzisa isiNgisi nesiXhosa.

Lokhu kusho ukuthi uDickson kuzodingeka abhekelele izidingo zezinhlobo ezimbili zabalaleli, ngesikhathi eqinisekisa ukuthi zombili iziteshi ziyaqhubeka nokukhula.

UDickson akamusha kwaSABC, njengoba aqala ukusebenza kulesi sikhungo ngo-1999 njengomfundi oqeqeshwayo, ngemuva kokufunda ubuntatheli eRhodes University.

Ungowokuzalwa eNgqushwa, e-Eastern Cape, kanti wafunda eMasiphathisane High School, eGqeberha.

Phakathi kuka-1996 no-1998 wafunda izifundo zobuntatheli eRhodes University, lapho athola khona isisekelo somsebenzi wakhe wezindaba.

Eminyakeni yakhe kwaSABC usebenze ezikhundleni ezahlukene, okubalwa ukuba yintatheli, umdidiyeli wezinhlelo zezindaba zamanje, umfundi wezindaba kanye nomhleli.

Wake waba ngumholi wehhovisi lezindaba lakwaSABC eNew York, eMelika, lapho ayebika khona ngezindaba zamazwe ngamazwe, okubalwa nezithinta iNhlangano Yezizwe, i-United Nations.

Uphinde wasebenza njengomhleli wezabelo zezindaba kwaSABC e-Eastern Cape, ebhekelela izintatheli zomsakazo nezikamabonakude.

Ngaphambi kokuqokwa kwakhe kulesi sikhundla esisha, ubenguMhleli Wezindaba Nezinhlelo Zezindaba Zamanje esiteshini iChannel Africa.

UDickson uphinde wafunda izifundo zokuphatha e-University of the Witwatersrand, lapho enza khona iziqu ze-Honours emkhakheni weManagement.

Uthi ulwazi aluthole kulezi zifundo lumfundise ukubaluleka kokuhlaziya isimo ngaphambi kokuthatha izinqumo zobuholi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *