UMSAKAZI WODUMO USECELE ABANTU BAYEKE UKUMBIZA NGOMSAKAZI WE TRU FM UTHI BAMVALELA AMATHUBA OMSEBENZI!

OWAYENGUMSAKAZI wesiteshi somsakazo iTru FM, uHlumela Qabo, useveze ukuthi njengamanje akasebenzi, wacela abaphathi bemicimbi ukuba bayeke ukumethula njengomuntu osasebenza kulesi siteshi.

UQabo udalule lokhu embhalweni awushicilele ekhasini lakhe likaFacebook, lapho ecacise khona ukuthi akasenabo ubudlelwano bomsebenzi neTru FM.

Uthe nakuba abanye bengakubheka njengento encane lokhu, ukumethula njengomsakazi osasebenza kulesi siteshi kungadala ukudideka emphakathini, kuphinde kumvimbele namathuba emisebenzi.

“Dear MC / Programme Directors, please, when introducing me on stage, kindly remember to either refer to me as a former Tru FM radio presenter or leave the radio affiliation out altogether,” kubhala uQabo.

Uqhube wathi akasasebenzi kulesi siteshi, ngakho akafuni abantu bacabange ukuthi usenenkontileka naso.

“Bethuna nizondiphosanisa namathuba nina,” esho ehambisana nezithombe ezikhombisa ukukhala.

UQabo akagcinanga lapho, njengoba eveze ngokusobala ukuthi njengamanje akasebenzi futhi ufuna amathuba amasha okuqashwa.

“The world must know that I am currently unemployed, Ndidinga umsebenzi bantu benkosi. Nantsi iCV yam emvlophini. Please ndincedeni babhexeshi nkqubo,” kubhala yena.

Lokhu kusho ukuthi uQabo ufuna abahleli bemicimbi nabanye abantu abamazi embonini yezokusakaza bamsize ekutholeni amathuba omsebenzi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *