ASIJAHILE IZINDONDO SISAKHULISA “INGANE” YETHU,KUSHO ABE-PODCAST RADIO AND STUFF

Abethuli bePodcast Radio and Stuff, uNtobeko Khuluse noNtokozo Tshapa, bathi abajahile ukuwina imiklomelo njengoba okwamanje begxile ekukhuliseni inkundla yabo, ukwandisa ababukeli nokwakha ibhizinisi elizokwazi ukuzimela isikhathi eside.

Lokhu kuvezwe yile nkundla ngesikhathi iphendula imibuzo yoMsakazo News Network mayelana nokungabonakali kwayo ohlwini lwabaqokelwe amaTelkom Radio Awards ka-2026.

UKhuluse noTshapa, abethula ngokubambisana le podcast, sebezakhele igama embonini yezokusakaza ngokusingatha izingxoxo nabasakazi, ikakhulukazi labo asebemnkantshubomvu nabake basebenza eziteshini ezinkulu zomsakazo kuleli.

Le nkundla ikuqinisekisile ukuthi ayizange ingenela imiklomelo yalo nyaka ngoba okwamanje ibheke ukuthuthukisa umsebenzi wayo nokwakha isisekelo esiqinile sebhizinisi.

“Okwamanje into esigxile kuyo ukukhulisa nokuqinisa inkundla yethu. Asijahile ukuwina imiklomelo. Sikholelwa ekutheni umsebenzi wethu, ukuzikhandla nokubamba iqhaza kwethu ekuthuthukiseni lo mkhakha kufanele kuzikhulumele,” kusho bona.

Bathe nakuba bekuthokozela ukuhlonishwa ngomsebenzi abawenzayo, ababoni kunesidingo sokujaha imiklomelo.

“Ukuhlonishwa ngomsebenzi esiwenzayo kuyinto esiyithokozelayo, kodwa sikholwa ukuthi isikhathi sakho siyofika. Okwamanje sibheke ukwakha inkundla ezokwazi ukuzimela, ukukhulisa isibalo sababukeli nokuqhubeka nokukhiqiza izinhlelo ezinomthelela omuhle emkhakheni wezokusakaza nowama-podcast.”

I-Podcast Radio and Stuff, isiphenduke inkundla enikeza abasakazi ithuba lokukhuluma ngokukhululeka ngempilo yabo, umsebenzi wabo kanye nezinto ezenzeka embonini yezokusakaza.

Ikhasi layo leYouTube lavulwa ngoJanuwari 13, 2024, kanti seliqoqe ukubukwa okungu-1 616 794, okuyisibalo esingaphezu kuka-1.6 million.

Lezi zibalo zikhombisa indlela le nkundla esikhule ngayo kuYouTube kusukela kwavulwa ikhasi layo.

Phakathi kwezivakashi esezike zavela kule podcast kubalwa owayengumsakazi woKhozi FM, uSbu Buthelezi, owake wethula uhlelo lomculo wokholo, Indumiso.

Engxoxweni yakhe noKhuluse noTshapa, uButhelezi wadalula ukuthi wayehola u-R12 000 ngenyanga ngaphambi kokudonswa kwentela nezinye izimali ngesikhathi esebenza oKhozini FM.

Uthe lokhu kwakwenzeka nakuba uhlelo lwakhe lwalulalelwa ngabantu abangaphezu kwezigidi ezingu-3.6.

UButhelezi wathi imali ayesala nayo ngemva kokudonswa kwezimali yayilinganiselwa ku-R9 000.

Le ngxoxo yavusa imibuzo ngendlela abasakazi abaholelwa ngayo, ikakhulukazi labo abethula izinhlelo ezilalelwa izigidi zabantu.

Izingxoxo ezifana nalezi sezinikeze ababukeli ithuba lokuzwa ngqo kubasakazi ngezinto ezenzeka ngaphakathi embonini, okuhlanganisa izinselelo zomsebenzi, amaholo kanye nezimo abasebenza ngaphansi kwazo.

Okugqamile ohlwini lwabaqokelwe umklomelo weBest Podcast Combined kumaTelkom Radio Awards ka-2026 ukuthi zonke izinhlelo eziqokiwe zixhumene neziteshi zomsakazo.

Lokhu kuphakamise umbuzo ngokubonakala kwezinkundla ezizimele zama-podcast emiklomelweni ehlonipha umsebenzi owenziwa embonini yezokusakaza.

Nokho, iPodcast Radio and Stuff ithi ayikuboni njengento embi ukuthi iziteshi zomsakazo sezibamba iqhaza elikhulu emkhakheni wama-podcast.

“Kuyajabulisa ukubona ukuthi zonke izinhlelo eziqokwe emkhakheni weBest Podcast Combined zixhumene neziteshi zomsakazo. Lokhu sikubona kuyintuthuko enhle emkhakheni womsakazo nowama-podcast,” kusho le nkundla.

Ithe kuyakhuthaza ukubona iziteshi zomsakazo esezinesikhathi eside zisebenza zingena ngamandla emkhakheni wezokusakaza ku-inthanethi.

“Kuyasijabulisa ukubona iziteshi zomsakazo ezaziwayo zamukela ubuchwepheshe besimanje futhi zandisa izinhlelo zazo ukuze zingagcini ngokusakaza emsakazweni kuphela.”

Yize ingazange ingenela imiklomelo yalo nyaka, iPodcast Radio and Stuff ithe iyawuhlonipha umsebenzi owenziwa amaTelkom Radio Awards ekuqhakambiseni ikhono nokuzikhandla emkhakheni wezokusakaza.

“Sikholelwa ekutheni amaTelkom Radio Awards adlala indima ebalulekile ekuhlonipheni umsebenzi osezingeni eliphezulu nasekubungazeni impumelelo yomkhakha womsakazo kuwo wonke amazinga.”

Le nkundla ithe ayikholwa ukuthi umsakazo nama-podcast kufanele kubhekwe njengezinto eziphikisanayo noma ezincintisana ngokuthathelana abalaleli.

“Ekugcineni, sikholwa ukuthi umsakazo nama-podcast kungasebenzisana futhi kuphelelisane, kuvuleke amathuba amaningi kubakhiqizi bezinhlelo, abasakazi kanye nabalaleli.”

Iphinde yahalalisela bonke abaqokelwe imiklomelo yalo nyaka.

“Sithanda ukuthatha leli thuba sihalalisele bonke abaqokelwe amaTelkom Radio Awards ka-2026. Siyabonga kini nonke ngokuqhubeka nokuphakamisa ifulegi lomsakazo.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *