UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

UZOGWETSHWA NGONOVEMBA UMSEBENZI WAKA HOME AFFAIRS NGAMACALA ANGU 264

Owayesebenza eMnyangweni Wezasekhaya, uTholithemba Malusi Mlondo (34), ugcine ebhekene nomphumela onzima ngemuva kokutholakala enecala lamacala amaningi enkohlakalo eNkantolo Yobugebengu Bezentengiselwano Ekhethekile eThekwini.

UMlondo utholwe enecala ngoLwesine, mhla lu-1 kuMfumfu 2026, ngamacala ahlanganisa ukukhwabanisa, inkohlakalo, kanye nokwephula iIdentification Act ne-Immigration Act.

Icala lihlobene nezenzo okusolwa ukuthi zenzeka phakathi kukaNhlolanja 2022 noNtulikazi 2023 ehhovisi loMnyango Wezasekhaya eMgungundlovu.

Kuthiwa iqembu lezakhamuzi zaseNingizimu Afrika lalisiza abantu bangaphandle ukuthi bathole amapasipoti aseNingizimu Afrika ngendlela engekho emthethweni.

Okuxakayo ukuthi le misebenzi kuthiwa yayenzeka ngesikhathi amahhovisi oMnyango Wezasekhaya evaliwe, okubalwa ubusuku, izimpelasonto namaholidi.

UMlondo utholakale enecala lamacala angu-66 okukhwabanisa, angu-66 enkohlakalo, angu-66 okwephula iImmigration Act kanye namanye angu-66 okwephula iIdentification Act.

Lokhu kwenza ingqikithi yamacala abe ngu-264.

Icala laphinde laveza umsebenzi oqhubekayo weSerious Corruption Investigation ekulweni nezenzo ezingekho emthethweni ezithinta uMnyango Wezasekhaya.

UMlondo ubesejele kusukela aboshwa futhi usazohlala esitokisini njengoba inkantolo ihlehlise icala laba ngumhla ziyi-13 kuLwezi 2026 ukuze kulungiselelwe umbiko wangaphambi kwesigwebo.

Manje amehlo asezoba kumhla wokubuyela kwakhe enkantolo, lapho kuzodingidwa khona isigwebo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *