Umsakazi wezemidlalo kuKhozi FM, uSibusiso “Mkhaba” Madonsela, kungenzeka ukuthi useyitholile injabulo emshadweni, kodwa izinsolo ezithinta ubudlelwano bakhe nomama wengane yakhe seziphinde zavusa imibuzo.
UMkhaba, ongomunye wamaphimbo ajwayelekile kubalaleli boKhozi FM, kubikwa ukuthi ushade cishe ezinyangeni ezimbili ezedlule.
Kodwa ngaphambi kokuba angene emshadweni, kubikwa ukuthi bekunokungezwani phakathi kwakhe nomama wengane yakhe.
Ngokwezinto ezake zasabalala ezinkundleni zokuxhumana, lo mama wengane kubikwa ukuthi wabhala ukuthi imali yesondlo sengane yehliswa, isuka ku-R2 000 yaya ku-R1 000 ngenyanga.
Le post isusiwe ezinkundleni zokuxhumana kodwa eyezinto ezavezwa kule post ukuthi ukwehla kwesondlo kwakuhambisana nezindleko ezazidingeka ekuloboleni.
Kubikwa ukuthi ngesikhathi ebuzwa ukuthi kungani isondlo sehlisiwe, lo msakazi waphendula ngokuthi imali yayidingeka ukuze kusizwe ngezindleko zokulobola umama wengane.
Lomsakazi wagcina engamshadanga umama wengane kodwa wagcina eshade isinqandamathe sakhe esisha.
UMkhaba akakaze atholakale esesidlangalaleni ephendula lezi zinsolo emithonjeni esikwazile ukuyiqinisekisa.
Okwamanje, leli cala lisalokhu liyimfihlo phakathi kukaMkhaba, umkakhe nomama wengane yakhe.











Leave a Reply