Isiteshi sezindaba i-eNCA sibhekene nokugxekwa ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukuvela kwesithombe somholi we-March and March, uJacinta Ngobese-Zuma, eduze kombhalo othi “Arrests Following Durban Protests” ngesikhathi kubikwa ngokuboshwa kwabantu kulandela imibhikisho yakamuva eThekwini.
Lesi sigameko, esisakaze ukudideka phakathi kwababukeli, senzeke ngesikhathi isiteshi sethula izindaba eziphathelene nemibhikisho, sashiya abanye bezibuza ukuthi ngabe uNgobese-Zuma uboshiwe yini, yize kungekho bufakazi obuveza ukuthi uNgobese-Zuma uboshiwe kuleso sigameko.
Ukubekwa kwesithombe sakhe eduze kombhalo okhuluma ngokuboshwa kwabantu kushiye ababukeli abaningi bedidekile, abanye bephuthuma ezinkundleni zokuxhumana beyofuna ukucaciselwa ngalokho abakubonile.
Abanye abasebenzisi baka-X noFacebook bazwakalise ukungenami, bethi indlela izindaba ezethulwe ngayo ingadala umqondo wokuthi uNgobese-Zuma ungomunye wababoshiwe.
Nokho, umbhalo obonakale esikrinini ubukhuluma ngokuboshwa kwabantu okuhlobene nemibhikisho yaseThekwini. Ukuvela kwesithombe sakhe eduze kwawo akusho ukuthi naye uboshiwe.
UJacinta ukuqinisekile ukuthi akaboshiwe kodwa umenywe isiteshi ukuzokhuluma ngabantu ababoshiwe ngesikhathi kuqhubeka imibhikisho eThekwini.
“Ngicela nehlise umoya, angiboshiywe kodwa ngizokhuluma nabantu ababoshiwe,”kusho uNgobese-Zuma.
UNgobese-Zuma, owake wasebenza njengomsakazi weVuma FM, waziwa ngomsebenzi wakhe wokushosholoza kanye nokuhola inhlangano i-March and March.
Ngasekuqaleni kwalo nyaka, kwabikwa ukuthi wazinikela esiteshini samaphoyisa sasePoint, eThekwini, kulandela imibhikisho eyayihlobene nesikole i-Addington Primary School.
Lesi sigameko sakamuva siphinde savusa imibuzo ngokuthi iziteshi zezindaba kufanele ziqikelele kangakanani lapho zibeka izithombe nezihloko esikrinini ukuze zingadali ukudideka kubabukeli.
















Leave a Reply