Intatheli nomsakazi owake waba yizwi elijwayelekile emsakazweni usephonse isigqoko eringini kwezepolitiki, njengoba esefuna ukungenela isikhundla sobuMeya eMvoti.
Kuqhume insini kubasebenzisi bezinkundla zokuxhumana ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi u-Alfred Ngubane, intatheli nomsakazi owake waduma kakhulu emsakazweni iZwi Lomzansi FM, usezama ukungena kwezombusazwe.
UNgubane ubhekwe njengomunye wabantu abake bazakhela igama emkhakheni wezokusakaza nezindaba, njengoba eke wasebenza ezindaweni ezahlukene okubalwa kuzo iZwi Lomzansi FM, Ligwalagwala FM, Impempe, Lisenethini kanye ne-Ibunda.
Manje usephendule ikhasi, wangena kwezepolitiki ngaphansi kwePatriotic Alliance (PA), njengoba eqokwe njengomuntu ozongenela isikhundla sobuMeya kuMasipala waseMvoti.
Lezi zindaba zivele zaxoxwa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana, abanye bezibuza ukuthi ngabe lo msakazi osaziwa kakhulu ngomsakazo usekulungele yini ukungena emhlabeni wezepolitiki kamasipala.
UMasipala waseMvoti nawo awuyona indawo elula kwezepolitiki. Eminyakeni edlule ushintshe izandla kaningi, kwathi ngemuva kokhetho lohulumeni basekhaya lwango-2021, kwavela umkhandlu lapho amaqembu amaningi kwadingeka asebenzisane ukuze kutholakale ubuholi.
UGabriel Malembe we-IFP uke waba yiMeya, kwathi uPhilani Mavundla we-ABC wathatha izintambo ngo-2023. UMalembe waphinde wabuyela esikhundleni ngo-2024.
UMvoti ungumasipala omkhulu osesifundeni saseMzinyathi, uhlanganisa iGreytown, iKranskop, uMuden, iSevenoaks, iAhrens, iKeate’s Drift kanye nezindawo eziningi zasemakhaya nezolimo.
Le ndawo inama-ward angu-14 futhi inemiphakathi ehlukahlukene, okubandakanya izindawo zasemadolobheni, amapulazi kanye nezindawo ezingaphansi kweziphathimandla zendabuko.
Emjahweni wamanje kubhekwe amaqembu amaningi, okubalwa kuwo i-IFP, i-ABC eholwa nguMavundla, i-ANC kanye nePA.

















Leave a Reply