UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

UMHOLI OQAVILE WE EFF UTHI LIMBULELE NGENDUKU IPHOYISA

Basashaqekile namanje abaningi kulandela ukuthi ilungu lePhalamende elimele i-Economic Freedom Fighters (EFF), uNaledi Chirwa, selikhulume okokuqala ngesehlakalo esenzeke esiteshini samaphoyisa aseBrooklyn ngoLwesine ntambama.

UChirwa usola uColonel Dintwe ngokumshaya ngesikhathi efuna ukuthola usizo emaphoyiseni, ezama nokuqopha ividiyo eveza ukuthi lo koloneli uyenqaba ukumsiza.

Esitatimendeni sakhe, uChirwa uthi uye egumbini lezimo eziphuthumayo esibhedlela ukuze kuhlolwe futhi kubhalwe phansi ukulimala kwakhe.

Uthi kuthathe izinsuku ezimbili nemizamo emibili ngaphambi kokuba ekugcineni avunyelwe ukuvula icala lokushaywa abeka lona kuColonel Dintwe.

Ngokusho kwakhe, wafika esiteshini samaphoyisa ngabo-17h00 ngoLwesine kodwa wangathola usizo ayelufuna. 

Uthi okuxakayo ukuthi wagcina elutholile lolo sizo ngabo-00h00, esiteshini esifanayo.

UChirwa uphinde wathi waboshwa ngokungafanele, kodwa wadedelwa ngemuva kokuba iphoyisa selithole ukuthi ungubani. 

Uthi leli phoyisa labe selizama ukukhuluma naye, kodwa wakhetha ukuthi udaba lulandelwe ngokomthetho.

Uthi kamuva waphinde waboshwa ngemuva kokuba leli phoyisa selivule icala ngaye.

Ngakolunye uhlangothi, imibiko iveza ukuthi uChirwa uboshwe ngezinsolo zokushaya iphoyisa ngesikhathi kunokungaboni ngaso linye mayelana nokuqinisekiswa kwe-afidavithi.

 Kubikwa ukuthi udedelwe ngesexwayiso kanti bekulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseHatfield ngoMsombuluko, mhla ziyi-12 kuMfumfu.

UChirwa uthi ngeke akuvumele ukuba ukwenqatshelwa kwezidingo zomphakathi kuthathwe njengento ejwayelekile, wathi nabantu abahlukunyezwa ngokocansi abaxoshwa eziteshini zamaphoyisa kanye neziguli ezinqatshelwa usizo lwezempilo kufanele zithole ubulungiswa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *