UMHOLI wenhlangano iMarch and March, uJacinta Ngobese-Zuma, nomyeni wakhe, uXolani Zuma, lingase lishone sebeboshiwe kulandela izinsolo zokuthi isikhishiwe i-warrant of arress yokuboshwa kwabo.
UXolani, oyilungu lale nhlangano, uthi waziswe ngokuthi kukhishwe izimvume zokuboshwa kwabo mayelana nemisebenzi yeMarch and March. Nokho, uthi abakakuqinisekisi ukuthi lolu lwazi luyiqiniso yini.
Esitatimendeni sakhe, uthe yena nomkakhe bazimisele ukuzinikela emaphoyiseni ngoLwesithathu, mhla ziyi-14 kuMfumfu 2026, uma kutholakala ukuthi izimvume zikhona ngempela.
Uphinde wanxusa amalungu nabalandeli bale nhlangano ukuthi behlise umoya, bagweme izenzo ezingadala udlame futhi baqhubeke nokufuna izixazululo ezinokuthula ezinkingeni ezikhungethe izwe.
Lezi zinsolo zivele ngesikhathi iMarch and March ibhekene nokugxekwa kulandela imibhikisho eyenzeke eThekwini ngesonto eledlule, ephathelene nokufudukela kwabantu bakwamanye amazwe eNingizimu Afrika.
NgoLwesine, mhla ziyi-8 kuMfumfu, kwaqubuka udlame olwaluhambisana nemibhikisho, kwashiswa izimoto kwaphangwa nezitolo.
Amaphoyisa abophe abantu abasolwa ngokubandakanyeka ezenzweni zobugebengu.
NgoMsombuluko, mhla ziyi-12 kuMfumfu, amadoda amathathu ahlotshaniswa neMarch and March avele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngamacala ahlanganisa udlame emphakathini, ukuvimba imigwaqo nokwesabisa umphakathi.
Kodwa-ke, akukho ukuqinisekiswa okuzimele okwamanje kokuthi izimvume zokuboshwa kukaJacinta noXolani zikhishiwe, futhi akukacaci ukuthi yiziphi izinsolo ezingase zibhekiswe kubo.











Leave a Reply