UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

CAT MATLALA: “ANGIMAZI UNGQONGQOSHE UMCHUNU!”

Usomabhizinisi uVusimuzi “Cat” Matlala usephike walala ngomhlane ngokuthi akamazi uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu, ngesikhathi efakaza phambi kweKhomishana kaMadlanga ngoMsombuluko.

UMatlala uthe akakaze ahlangane noMchunu, akakaze axhumane naye futhi akakaze amnike isipho, uxhaso noma enye inzuzo.

“Anginabo ubudlelwano noNgqongqoshe uSenzo Mchunu. Angikaze ngihlangane naye,” kusho uMatlala.

Ubufakazi bakhe buholwa nguMmeli uMahlape Sello, obemphenya ngobudlelwano bakhe nosopolitiki nezikhulu eziphezulu zamaphoyisa.

Ngaphambi kokuqala kobufakazi bakhe, abameli bakaMatlala baphakamise ukukhathazeka ngokuthi angafakaza kangakanani njengoba ebhekene namacala obugebengu.

 USihlalo weKhomishana, uJustice Mbuyiseli Madlanga, akazange avumelane naleyo mpikiswano.

UMatlala uphinde wabuzwa ngoLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi, wavuma ukuthi bake bahlangana kanye.

Kodwa wenqabile ukunikeza imininingwane, ethi lolu daba luhlobene nethenda yeSAPS asebhekene necala ngayo.

Uphinde wavuma ukuthi ezinye izibongo zamaphoyisa ahlangana nawo wazishiya ngamabomu esitatimendeni sakhe.

I-Khomishana iyaqhubeka nokuphenya izinsolo zobudlelwano bukaMatlala nosopolitiki, amaphoyisa aphezulu kanye nethenda yezinsizakalo zezempilo kwaSAPS.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *