UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
OwayenguMqondisi Omkhulu Wezokuxhumana eMnyangweni WezokuThuthukiswa koMphakathi, uLumka Oliphant, ubhale incwadi evulekile eya kuMongameli Cyril Ramaphosa, emsola ngokuthula ngesikhathi ethi umnyango umcekele phansi impilo nomsebenzi wakhe ngokumxosha ngendlela ayichaza njengengafanele.
U-Oliphant uthi waxoshwa emsebenzini ngo-Okthoba 2025 ngenxa yokuthi kuthiwa wephule imigomo yemvume yokuphepha.
Nokho, uthi impendulo eyethulwe ePhalamende iveza ukuthi waxoshwa ngokwephula uHlelo Lukahulumeni LwezokuXhumana, okuyinto ethi iphikisana nesizathu asinikwa encwadini yokuxoshwa.
Uphinde athi ngesikhathi emiswa emsebenzini wasolwa ngokuthi wasebenzisa budedengu imali kahulumeni engu-R6 million, kodwa kamuva wathola ukuthi lolo hlelo okusolwa ngalo lwalungenayo nhlobo imali.
Uthi futhi umnyango uvumile ePhalamende ukuthi wamxosha ngaphambi kokuba kuqale inqubo yokuqondiswa kwezigwegwe, yize kwakusuke sekuqokiwe ukhomishana ozolalela udaba.
U-Oliphant uthi konke lokhu kulimaze igama lakhe, kwamshiya engenamsebenzi futhi kwaletha ubuhlungu obukhulu ngokomzwelo nangokwezimali emndenini wakhe.
Icala lakhe lizobuyela kuMlamuli ( arbitration ) mhla zingama-20 kuJulayi, lapho ethemba khona ukuthi uzolihlambulula igama lakhe.
Evala incwadi yakhe, ubuze uMongameli Ramaphosa umbuzo obuhlungu: “Mongameli, uphi sibhujiswa kanje?”
UMnyango WezokuThuthukiswa koMphakathi awukakhiphi impendulo esidlangalaleni mayelana nalezi zinsolo zakamuva zika-Oliphant.




















Leave a Reply