I-ANC KZN IVIMBA IZINGXOXO ZOKUBUMBA OHULUMENI BEMIFELANDAWONYE NGEMUVA KOKUSHAYEKA OKHETHWENI

I-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal isiyalele zonke izinhlaka zayo ezifundeni ukuthi zingalokothi zingene ezingxoxweni zokubumba ohulumeni bemifelandawonye ngaphandle kwemvume yobuholi besifundazwe.

Lokhu kulandela ukwehla okukhulu kokwesekwa kwaleli qembu okhethweni lohulumeni basekhaya obelungoLwesithathu.

Encwadini yangomhla ka-6 Novemba 2026, uMxhumanisi we-ANC esifundazweni, uJames Nxumalo, uxwayise abaholi bezifunda ngokuthi abavunyelwe ukuqala izingxoxo noma ukwenza izivumelwano namanye amaqembu ezepolitiki.

UNxumalo ugcizelele ukuthi zonke izingxoxo zokubumba ohulumeni bemifelandawonye zizoholwa yisifundazwe kuphela.

Uthe akekho umholi wesifunda ovunyelwe ukuzibophezela egameni le-ANC ngaphandle kokugunyazwa ubuholi besifundazwe.

Uphinde waveza ukuthi kusengaphambi kwesikhathi ukuqala izingxoxo njengoba iKhomishini yoKhetho (IEC) ibingakayimemezeli ngokusemthethweni imiphumela yokugcina ngesikhathi kukhishwa le ncwadi.

Lesi sinqumo siza ngesikhathi imiphumela yesikhashana ikhombisa ukuthi i-ANC ilahlekelwe kakhulu ukwesekwa KwaZulu-Natal.

Ngokwemiphumela yesikhashana yamavoti amawadi, iMK Party ibihamba phambili  ilandelwa yi-IFP kube  i-ANC bese kuba  i-DA .

NaseThekwini, i-ANC ibibhekene nokwehla okukhulu kokwesekwa, isuka cishe ku-42% eyawathola ngo-2021 yaya cishe ku-17% ngokwemiphumela yesikhashana.

IMK Party ibihamba phambili eThekwini, ilandelwa yi-DA.

Lokhu kusho ukuthi omasipala abaningi bangase baphoqeleke ukubumba ohulumeni bemifelandawonye njengoba lingekho iqembu elithole iningi elanele lokuzibusa lodwa.

Nokho, ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal bukubeke kwacaca ukuthi zonke izingxoxo zokubambisana namanye amaqembu zizophathwa yisifundazwe.

Ukwabiwa kokugcina kwezihlalo kuzocacisa ukuthi yimaphi amaqembu azokwazi ukubumba ohulumeni komasipala.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *