USAZOLWA UZILLE NGESIKHUNDLA SOBUMEYA EJOHANNESBURG

KUSHUBA umbango wesikhundla sobumeya eDolobheni laseJohannesburg njengoba iDemocratic Alliance (DA), ephume phambili okhethweni lohulumeni basekhaya, ingakabi naso isiqiniseko sokuthi izokwazi ukuthatha izintambo zokuphatha leli dolobha.

Osephenduke undabamlonyeni nguHelen Zille weDA, obhekwe njengomunye wabantu abasethubeni lokuba yimeya entsha yaseJohannesburg. Nokho, ukungaboni ngaso linye phakathi kweDA ne-ActionSA sekungase kuphazamise amaphupho akhe okuphatha leli dolobha.

Ngokwemiphumela yokugcina yokhetho, iDA ithole izihlalo ezingama-91 emkhandlwini onezihlalo ezingama-270. I-African National Congress (ANC) ithole ezingama-63, i-ActionSA ezingama-43, i-Economic Freedom Fighters (EFF) eziyi-17, iMK Party eziyi-15, kanti i-Inkatha Freedom Party (IFP) ithole eziyisi-7.

 Ezinye izihlalo ezingama-34 zithathwe ngamanye amaqembu.

Ukuze iqembu noma umfelandawonye ukwazi ukuphatha ngaphandle kokuncika emavotini aphikisayo, kudingeka okungenani izihlalo eziyi-136.

Lokhu kusho ukuthi nakuba iDA iphume phambili, isadinga ezinye izihlalo ezingama-45 ukuze ibe neningi emkhandlwini.

I-ACTIONSA INGASE IBE NGUMNQAMULAJUQU!

I-ActionSA, enezihlalo ezingama-43, isiphenduke elinye lamaqembu abaluleke kakhulu ezingxoxweni zokubumba uhulumeni wokubambisana.

Nokho, ukungahambisani kwayo nokwesekwa kukaZille njengemeya kungase kufake iDA enkingeni enkulu.

Uma iDA ne-ActionSA ivumelana ngokusebenzisana, ingaba nezihlalo eziyi-134, okusho ukuthi zisazodinga ukwesekwa okungenani ngamanye amakhansela amabili ukuze ibe neningi.

Uma iDA ingavumelana neANC, la maqembu angaba nezihlalo eziyi-154, okuyinani elanele ukulawula umkhandlu.

Ngakolunye uhlangothi, iANC, i-ActionSA, iEFF neMK Party ingahlanganisa izihlalo eziyi-138, okuyinani elingavimba iDA ekuthatheni izintambo zokuphatha.

Lokhu kushiya umbuzo omkhulu wokuthi ngabe iDA izokwazi yini ukuguqula ukunqoba kwayo okhethweni kube amandla okuphatha iJohannesburg.

KUSENGENZEKA IMEYA INGAPHUMI EQEMBINI ELINQOBE UKHETHO!

UHerman Mashaba we-ActionSA naye ungomunye wabantu okungase kukhulunywe ngabo ezingxoxweni zesikhundla sobumeya, njengoba eke waphatha iJohannesburg phambilini.

Khonamanjalo, ikusasa likaDada Morero weANC, obengumeya ngaphambi kokhetho, nalo lisematheni njengoba iqembu lakhe lingase libe yingxenye yezivumelwano ezizonquma ukuthi ubani ozophatha idolobha.

IJohannesburg ibhekene nezinkinga ezinkulu ezihlanganisa ukuntuleka kwamanzi, ukuwohloka kwengqalasizinda, imigwaqo eyonakele kanye nezinselelo zokuphathwa kwezimali.

One comment
Gibbs

DA, ANC, IFP abahlangane bavimbe MKP ngoba sebetshengisile kuzwe lonke ukuthi bayakwazi ukusebenzisana bakhe uHulumeni MKP ayibuse la inqobe khona sizoyibona ukuthi ikulungele yin ukuphatha njengoba ihlulwa nawukuphatha izimali zayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *