UMNCWANGO UCHOMELA ABABEBUKELA PHANSI I-ACTION SA ETHEKWINI!

UZwakele Mncwango, ongumholi we-ActionSA KwaZulu-Natal, usephumele obala wagxeka abacwaningi bezepolitiki nabezindaba ababethi iqembu lakhe ngeke lize lithole ngisho u-1% wamavoti kuMasipala weTheku.

UMncwango akazange azibambe ngesikhathi ebhala enkundleni yezokuxhumana uFacebook, ejabulela ukuthi iqembu lakhe selithole izihlalo eziyisikhombisa emkhandlwini weTheku.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi abanye bebebikezela ukuthi i-ActionSA izozithola isenkingeni enkulu kulolu khetho, abanye bethi kungaba nzima ukuthi ithole ngisho isihlalo esisodwa.

Kodwa ngokwemiphumela ayifake kuFacebook, i-ActionSA ithole izihlalo eziyisikhombisa, nokwesekwa okungu-2.85%.

“Baphi labo bocwaningo lwemibono yabavoti nabezindaba ababesakaza inkulumo-ze yokuthi i-ActionSA ngeke yeqe ku-1% wokwesekwa kuMasipala weTheku?” kubuza uMncwango.

Uqhube wathi abanye babethi iqembu lakhe lizokuthola kunzima ukuthola isihlalo esisodwa, kodwa manje selinezikhombisa.

“Abanye babethi sizokuthola kunzima ngisho ukuthola isihlalo esisodwa. Nazo-ke izihlalo eziyisikhombisa esisivotelwe ngabantu,” esho.

UMncwango uphinde waveza ukuthi yena ukholelwa kakhulu emavotini afakwa abantu emabhokisini okuvota kunokuqagela okwenziwa ngaphambi kokhetho.

“Ngasho ukuthi mina ngiyokholwa amaphesenti avela emavotini abantu,” kubhala yena.

Ube esevala ngokubonga abantu baseThekwini ngokweseka i-ActionSA.

“Siyabonga kubantu baseThekwini ngokuseseka.”

Le nkulumo iza ngesikhathi amaqembu ezepolitiki eqhubeka nezingxoxo zokubambisana ukuze kwakhiwe ubuholi obusha kuMasipala weTheku, njengoba kungekho qembu elithole izihlalo ezanele ukuthi lizibuse lodwa.

Nakuba i-ActionSA inezihlalo eziyisikhombisa kuphela, lezo zihlalo zingaba yingxenye yezibalo ezibalulekile ezingxoxweni zokwakhiwa kukahulumeni wobumbano.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *