Siyangokushuba isimo oKhozini FM kulandela ukuthi lowo ongu-Senior Producer okubikwa ukuthi usexoshiwe kulomsakazo, uZandi Wardle, esekela wadilika kuMphathi siteshi, uLwazi Mthabela, amsola ngoku-saver amavidiyo akhe akuTikTok.
UWardle ubhale ezinkundleni zokuxhumana, wabe eseshicilela nesithombe esikhombisa isaziso sokuthi uMthabela u-saver ividiyo yakhe ayifake kuTikTok.
Ubonakale engakuthokozeli lokhu, wacela nabanye abantu ukuba bangenelele ukuze lo mphathi ayeke ukwenza lokho.
“Ngicela ningisize nimtshele ukuthi ayeke! Ayeke uku-saver amavidiyo ami kaTikTok. Mtsheleni ukuthi aphume aphele ezindabeni zami futhi ayeke ukulandelana nami,” kubhala uWardle, ehambisana nomyalezo wakhe nezithombe zobuso obukhala izinyembezi.
Lokhu kuvutha kwakhe bengabaselwe kuza ngesikhathi kusabalele imibuzo nokuqagela ngesimo sakhe somsebenzi kuKhozi FM, lapho esebenza khona njengo-Senior Producer of Continuenity.
Izolo Umsakazo News Network ubike ukuthi UWardle uphumele obala ngesitatimende esithinta imibiko ngesimo sakhe somsebenzi kulo msakazo odume ngokuba nesibalo esikhulu sabalaleli.
Esitatimendeni sakhe, uthe udaba oluphathelene nomsebenzi wakhe lubhekene nezinqubo ezisemthethweni, nokuyinto athe imenza angakwazi ukudalula kabanzi okwenzekayo njengamanje.
“Ngokuhlonipha izinqubo eziqhubekayo nabo bonke abathintekayo, ngeke ngikhulume ngemininingwane yalolu daba okwamanje,” kusho yena.
UWardle uphinde wagcizelela ukuthi ngeke avumele izinkinga abhekene nazo njengamanje zisibekele umsebenzi wakhe nokuzikhandla akukhombise emkhakheni wezokusakaza iminyaka eminingi.
Ubonge ozakwabo, abangani nabanye abantu abasembonini yezokusakaza abamthumele imiyalezo yokumeseka nokumkhuthaza.
Okwamanje, akukacaci ukuthi yini ngempela ebangele ukuthi uWardle acele uMthabela ukuba aphume aphele kumavidiyo akhe aku-Tik Tok.
Nakuba uWardle ezwakalise ukungenami kwakhe, uku-saver kwevidiyo kuTikTok kukodwa akubona ubufakazi bokuthi kukhona okubi okwenziwe.
Loludaba luyaqhubeka njengoba Umsakazo News Network usazama ukuthola ukuphawula kukaMthabela.











Leave a Reply