Lowo onguSenior Producer uZandi Wardle usephinde waba sematheni kulandela ukukhipha kwakhe isitatimende esisemthethweni mayelana nesimo sakhe sokuqashwa esiteshini esikhulu, uKhozi FM.
Kulesitatimende uWardle,uthi udaba oluphathelene nesikhundla sakhe lusingathwa ngezindlela ezifanele, yingakho engeke adalule imininingwane ngalesi sikhathi.
Kodwa-ke, lesi sitatimende siphinde savusa izinkumbulo zokungezwani okwabikwa phakathi kwakhe nomphathi wezinhlelo zalesi siteshi, uLangalethu Cele, kanye nabanye abasakazi ngonyaka odlule.
Ngokwemibiko eyashicilelwa ngaleso sikhathi, ukungezwani kwakuthinta ukuphathwa komsebenzi, imihlangano no Producer kanye nokuxhumana mayelana ne-content yezinhlelo.
Imibiko yaveza ukuthi uWardle wayenezikhalo mayelana nokungafakwa kweminye yemihlangano ebalulekile emsebenzini wakhe, kanti uCele naye waveza ukukhathazeka ngendlela izikhalo ezaziphakanyiswe ngayo.
Kwabikwa nokuthi ukungavumelani ngemiyalelo yokusebenza kwakudale ukudideka kwabanye oProducer.
Nokho, akukacaci ukuthi lezi zingxabano ezabikwa ngonyaka odlule zinabuphi ubudlelwano nesimo uWardle abhekene naso njengamanje.
Akukho futhi okuqinisekisayo ukuthi ubengqubuzana nabo bonke abethuli bezinhlelo noma noProducer oKhozini FM.
Esitatimendeni sakhe, uWardle uthe idumela lakhe lakhiwe eminyakeni eminingi yokusebenza ngokuzinikela embonini yezokusakaza.
Uthi uyakuqonda ukubaluleka kokuphatha ngokuqikelela izindaba ezithinta igama lakhe nesithunzi sakhe emsebenzini.
“Izimo eziphathelene nokuqashwa kwami zibhekene nemifudu efanele zokusingathwa kwezindaba zabasebenzi,” kusho yena.
Uthi ngenxa yokuhlonipha inqubo eziqhubekayo nabo bonke abathintekayo, akazimisele ukukhuluma kabanzi ngodaba okwamanje.
UWardle uphinde wathi ngeke avumele isimo abhekene naso njengamanje sibeke engcupheni isipiliyoni, amakhono namagalelo lakhe embonini yezokusakaza.
Ugcizelele ukuthi usazibophezele ekusebenzeni ngobuqotho nangobungcweti, waphinde wabonga bonke abamthintile bemkhuthaza futhi bemeseka.
Okwamanje, akukacaci ukuthi udaba lwakhe luzophetha kanjani nokuthi ngabe kukhona yini okunye okuzodalulwa yizinhlaka ezithintekayo.











Leave a Reply