UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

OWEGAGASI FM USEJOYINE I-RISE FM!

Kube negidigidi ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi umsakazo i-Rise FM umemezela ukuthi bazokwenza isimenezelo esikhulu namuhla. 

Abantu abaningi kade bemagange bezitshela ukuthi lomsakazo  uzomemezela ozovala isikhala sikaMpumi Mbethe obethula uhlelo i-The Midday Escape 

Lesi siteshi sithuse abaningi sethula uThami Mkhondo, obeyi-Account Executive eGagasi FM, osejoyine i-Rise FM njengomphathi wezokuthengisa, i-Sales Manager.

Lesi siteshi somsakazo esiseMpumalanga siqale ngoLwesihlanu ukusikisela ngesimemezelo esikhulu ezinkundleni zokuxhumana, sithembisa ukudalula izindaba ngoMsombuluko. 

Lokhu kushiye abaningi embonini yezomsakazo beqagela ngokuthi ngabe kukhona muphi umuntu omusha ozomenyezelwa.

Manje sekucacile ukuthi uMkhondo nguyena ojoyine lesi siteshi, kodwa isikhundla sakhe esisha singesokuphatha ezokuthengisa, hhayi esokwethula izinhlelo.

Ukujoyina kwakhe i-Rise FM kuvula ikhasi elisha emsebenzini wakhe, njengoba ezobe ebhekele ukuthuthukisa ezokukhangisa nokwakha ubudlelwano nabakhangisi ukuze kukhule imali engeniswa yilesi siteshi.

Ukufika kukaMkhondo kwenzeka ngesikhathi i-Rise FM iqhubeka nokuqinisa isikhundla sayo embonini yezomsakazo eMpumalanga.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *