UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

UKHUZANI UPHIKA EYOKUHLOHLA UMAMA WENGANE KANGIZWE UKUVULA ICALA

Umculi kaMaskandi uKhuzani Mpungose usephumele obala ngezinsolo athi zibhekiswe kuye nguNgizwe Mchunu, zokuthi ugqugquzele umama wengane yakhe ukuba amvulele icala lodlame olubhekiswe kwabesifazane (GBV).

Embhalweni awushicilele ekhasini lakhe likaFacebook, uKhuzani uthi lolu daba lwaqala mhla zingama-22 kuJuni 2026, ngesikhathi uNgizwe esolwa ngokushaya nokulimaza kanzima umama wengane yakhe, okuthiwa wagcina engeniswe esibhedlela.

UKhuzani uthi lo wesifazane wamthinta ezinkundleni zokuxhumana ngalobo busuku, emcela ukuba amsize ngemuva kokuthi ezame ukuvula icala kodwa wangathola usizo.

 Uthi wamnika nenombolo yakhe yocingo ukuze amthumele ubufakazi obumayelana nalesi sigameko.

Uthi uNgizwe wagcina ezwile ukuthi umama wengane yakhe wayethintane naye, wabe esemsola ngokuthi nguyena omkhuthaze ukuba avule icala.

 Lokhu, ngokusho kukaKhuzani, kwaholela ekutheni uNgizwe akhwele adilike kuyena ngenhlamba.

UKhuzani ukugcizelele ukuthi akazange amtshele lo wesifazane ukuba avule icala, wathi nguyena owamthinta kuqala ecela usizo.

 Ubuye waveza ukuthi ividiyo ekhombisa ukulimala okuthiwa kwenzekile wayithunyelelwa ngumama wengane kaNgizwe uqobo.

Ucele uNgizwe ukuba ayeke ukumbeka icala ngokungena ezindabeni zomuzi wakhe, wathi unobufakazi obusekela lokho akushoyo.

Okwamanje, izimangalo eziphathelene nesigameko nezinsolo ezibhekiswe kuKhuzani zisekelwe embhalweni wakhe

Akukacaci ukuthi uNgizwe Mchunu uzophendula athini kulokhu kuziphendulela kukaKhuzani.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *