Badinwe bayaqhuma abalandeli bomculi kaMaskandi uKhuzani Mpungose yindlela abathi ugxile ngayo empini yamazwi noNgizwe Mchunu, bethi akayeke lezi zindaba azibandakanye nomculo wakhe ngokukhipha izingoma ezintsha.
Lokhu kuza njengoba uKhuzani kulezi zinsuku ematasa ethembisa ukudalula amahlazo athinta uNgizwe.
Lo mculi uthi usekhathele yindlela uNgizwe akhuluma ngayo ngaye ezinhlelweni zama-podcast.
Nokho, abanye babalandeli bakaKhuzani babonakala bengahambisani nale ndlela akhethe ukuyilandela.
Bathi akunasidingo sokuthi aqhubeke nokubhekana noNgizwe, bethi lokho kungase kumphazamise emsebenzini wakhe womculo.
Omunye umlandeli uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi uKhuzani usechitha isikhathi esiningi kule ngxabano kunokugxila emculweni.
“Akayithi vu eyengoma, ubhizi uthukana noNgizwe. Engabe uzama ukushintsha ushuni wakhe omdala?” kubhala lo mlandeli.
Omunye umlandeli ucele abantu abasondelene nalo mculi ukuba bamdlulisele umyalezo wokuthi angazibandakanyi nale ngxabano.
“Uyazi, ukube nginamandla noma indlela yokuxhumana noKhuba, bengingamcela angazehlisi isithunzi. Akekho ezingeni lakhe lonke le nto. Kwabaseduze naye ngiyacela ningidlulisele lo myalezo,” kubhala lo mlandeli.
Kukhona nabanye abalandeli abathi uKhuzani akayeke ukuhilizisana noNgizwe, bezwakalisa ukukhathazeka ngokuthi le ngxabano ingase ilimaze isithunzi sakhe.
“UKhuzani akayeke uNgizwe. Uzozihlekisa ngezwe uKhuzani azehlise nesithunzi. Akayeke, uhlanya luhlanye lodwa,” kweluleka omunye umlandeli.
Ezinsukwini ezedlule, uKhuzani ubelokhu ekhuluma ezinkundleni zokuxhumana ngezinto athi uzodalula ngazo ngoNgizwe.
Lo mculi ubelokhu efuna uNgizwe aphumele obala achaze ngokwenzeka ngosuku athi luyingxenye yale ndaba eseyiphenduke impikiswano phakathi kwabo.
Uze waxwayisa ngokuthi uma uNgizwe engalikhulumi iqiniso, uzoludalula yena lolu daba.
Izolo, uKhuzani uphinde wasabalalisa ingxoxo lapho kuzwakala khona abantu benxusa ukuba kungadalulwa indaba ethinta uNgizwe.












Leave a Reply