UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

AMAPHOYISA AWAKAKUQINISEKISI UKUBOSHWA KOWATHUKA UNYAZI NESILO!

UThabani “King Putin” Hlatshwayo, odume kakhulu ezinkundleni zokuxhumana, usephinde waba sematheni kulandela ukusabalala kwevidiyo okuthiwa ikhombisa amaphoyisa emthatha ngesikhathi esakaza bukhoma kuTikTok izolo ebusuku.

Le vidiyo isabalale kakhulu, kwasuka nemibuzo kubasebenzisi bezinkundla zokuxhumana abafuna ukwazi ukuthi ngabe uHlatshwayo uboshiwe ngempela yini noma ngabe bekuyisu lokuqhuba udumo lwakhe.

Okwamanje, akukatholakali ukuqinisekiswa okusemthethweni okuvela kuSouth African Police Service (SAPS) noma kuJohannesburg Metro Police Department (JMPD) mayelana nokuboshwa kwakhe.

Ukungabibikho kwalezi zitatimende sekudale ukudideka, njengoba abanye abantu sebekholwa ukuthi uboshiwe, kanti abanye basola ukuthi kungenzeka kube yisenzo esenzelwe ukuheha ama-followers. 

UHlatshwayo ubesanda kuba sematheni ngenxa yezinkulumo zakhe ezithinta uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe, umholi weNazareth Baptist Church yaseBuhleni, kanye nezingxabano ezidalwe yizinkulumo ezihlaselayo ezinkundleni zokuxhumana.

Umsakazo News Network wabika ngaphambilini ngengxabano eyabandakanya uHlatshwayo nabanye abasebenzisi bezinkundla zokuxhumana ngenxa yezinkulumo ezithinta uNyazilwezulu.

Uphinde wagxekwa ngenxa yezinkulumo ezihlaselayo ezithinta iSilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini, nokuyinto evuse intukuthelo kwabanye abantu abathi abantu abadumile kufanele bakhombise inhlonipho kubaholi bendabuko nakubaholi bezenkolo.

Naphezu kokusabalala kwale vidiyo, kusamele kutholakale ubufakazi obuqinisekisa ukuthi okwenzekile bekungukuboshwa okusemthethweni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *