Kubukeka sengathi sekuzoshuba kakhulu ukungaboni ngaso linye phakathi kwenkakha kaMaskandi uKhuzani Mpungose nomsakazi uNgizwe Mchunu, njengoba sekungene nentatheli uPhila Duma, odume ngelikaDoll, eyaziwa ngokungazigodli uma sekukhulunywa ngezindaba ezishisayo.
Ezinsukwini ezedlule, uKhuzani ubelokhu exwayisa ezinkundleni zokuxhumana ngokuthi unezigaxa azozidedela ngoNgizwe.
Lo mculi ubelokhu efuna uNgizwe aphumele obala achaze ukuthi kwenzekani ngalolo suku akhuluma ngalo.
Uze waxwayisa nangokuthi uma uNgizwe engalikhulumi iqiniso, uzoyidalula ngokwakhe le ndaba.
Namuhla, uKhuzani uphinde wasabalalisa ingxoxo yabathile lapho kuzwakala khona umuntu encenga ukuba kungadalulwa indaba ethinta uNgizwe.
Kubonakala sengathi le ndaba isidonse amehlo kaDoll, intatheli eyaziwa ngokungazigodli uma isibika ngezindaba ezithinta abantu abadumile.
UDoll ube esetshela uKhuzani ukuthi uma kukhona afuna akudalule ngoNgizwe, akayise kuyena leyo ndaba ngoba yena ukulungele ukuyibhadlaza
“Khuzani, makukhona odinga ngik’bhadlaze, just tell me neh. Wena uzobe ungashongo lutho vele. Mina ozong’bopha angeke athole ngisho iCent. Ngu’shlama, anginamali ngizixakekele kabi. So uzobe ezimoshela iskhathi sakhe lowo,” kusho uDoll.
Ukungenelela kukaDoll sekudale omkhulu umsindo ezinkundleni zokuxhumana, lapho abantu sebeqagula ngokuthi kungase kushube kakhulu uma le ntatheli isiqalile ukuphenya ngale ndaba.
Abanye abasebenzisi bezinkundla zokuxhumana bakholelwa ukuthi uNgizwe angase azithole esesimweni esinzima uma sekudalulwa lokho uKhuzani abelokhu esongela ngokukukhipha.
Nokho, okwamanje akukacaci ukuthi iyini ngempela le ndaba okukhulunywa ngayo.













Leave a Reply