KUBUKEKA sengathi ijabule iyafa imbongi nosaziwayo waseNingizimu Afrika, uNtsiki Mazwai, kulandela imibiko yokumiswa kwekhasi likaFacebook lesishoshovu esihola inhlangano iMarch and March, uJacinta Ngobese-Zuma.
UMazwai, osekunesikhathi engaboni ngaso linye noNgobese-Zuma, uphumele obala ngoMgqibelo ekuseni, ebhala amazwi abonakala egcona uNgobese-Zuma ngalesi sigameko.
“I suspect my ancestors with regards to that page,” kubhala uMazwai, okusho ukuthi usola ukuthi izinyanya zakhe kungenzeka zibe nesandla kulokho okwenzeke kuleli khasi.
Lokhu kuza ngemuva kokusabalala kwemibiko yokuthi amakhasi kaFacebook kaNgobese-Zuma, uYenziwa Ndimande kanye noMnce T Pain amisiwe.
Okwamanje akukacaci ukuthi yini eholele ekumisweni kwala makhasi, njengoba inkampani ephethe uFacebook, iMeta, ingakakhiphi incazelo eqinisekisiwe ngalolu daba.
Abanye ezinkundleni zokuxhumana basola ukuthi lokhu kungase kuhlobane nokugxeka kwalaba bobathathu iqembu le-ANC kanye nokweseka kwabo inhlangano iMarch and March.
Nokho, abukho ubufakazi obuqinisekisa ukuthi ukumiswa kwala makhasi kuhlobene nezepolitiki.
Umbango phakathi kukaMazwai noNgobese-Zuma awuqali namuhla.
NgoNovemba 2025, uMazwai wagxeka indlela inhlangano iMarch and March eyayiqhuba ngayo umkhankaso wayo wokulwa nokungena nokuhlala kwabantu bokufika kuleli ngokungemthetho.
Ukungezwani kwabo kwashuba ngoMeyi 2026, ngesikhathi uMazwai egxeka uNgobese-Zuma ngevidiyo eyayimayelana nokugasela kwamaphoyisa.
UNgobese-Zuma wabe esesolwa ngokuphonsa izinsolo zokuthi uMazwai usebenzisa izidakamizwa, okuyinto engazange ifakazelwe.
Lokhu kwacasula uMazwai, owafuna ukuba uNgobese-Zuma ahoxise izinsolo zakhe noma azifakazele enkantolo, esabisa ngokumthathela izinyathelo zomthetho ngokumehlisa isithunzi.
Ngo-Agasti 2026, laba baphinde bangqubuzana ngesikhathi uMazwai ebuza ngokuxhumana kukaNgobese-Zuma nenhlangano i-AfriForum, mayelana nokusungulwa kweSA First Forum.
UNgobese-Zuma wachaza ukuthi wayefuna ulwazi ngezomthetho nangendlela yokwakha inhlangano, hhayi ukwakha umfelandawonye wezepolitiki.



















Leave a Reply