ZIKHALE KUNGIZWE MCHUNU KUMISWA I-PODCAST YAKHE

ZIYAKHALA KUBALANDELI bohlelo iBhinca Nation Podcast, olushayelwa nguNgizwe Mchunu, kulandela isimemezelo esishaqisayo sikaMacGyver “MacG” Mukwevho sokuthi lolu hlelo luzothatha ikhefu ekukhiqizweni kwalo!

UMacG, ongumsunguli wePodcast and Chill Network, udalule ukuthi izindleko zokukhiqiza lolu hlelo eThekwini sezibakhalele, njengoba kudingeka bathumele ithimba labaqophi besuka eGoli beya eThekwini kabili ngenyanga.

Uthe okwamanje bafuna umxhasi ozobasiza ukuze lolu hlelo luqhubeke.

“Sifuna umxhasi ozosisiza siqhubeke nokukhiqiza lolu hlelo ngoba sekubiza kakhulu ukuthumela ithimba eThekwini kabili ngenyanga ukuyoqopha,” kusho uMacG.

Lezi zindaba ziza ngemuva kwezinyanga eziyisishiyagalombili uNgizwe, owazakhela udumo oKhozini FM, ejoyine le nkundla yezinhlelo ezisakazwa nge-inthanethi ngoFebhuwari nonyaka.

UNgizwe, ozibiza ngoMengameli wamaBhinca, waqala lolu hlelo noPinky Shange, odume ngelikaPinky Smalest, ngaphambi kokuthi ajoyinwe nguKing Zoso.

Nokho, bekungasekuhle konke kulolu hlelo.

Ngo-Okthoba, uMacG noSol Phenduka bake bazwakalisa ukukhathazeka ngesibalo sabantu ababukela iBhinca Nation.

Isiqephu sokuqala salolu hlelo sabukwa ngabantu abalinganiselwa ku-255 000, kodwa ezalandela zehluleka ukufinyelela kuleso sibalo.

UMacG uphinde waveza ukuthi basaxoxisana ngokuthi yiluphi uhlelo oluzothatha indawo yeBhinca Nation ngesikhathi sango-8 ebusuku.

Ugcizelele ukuthi iBhinca Nation ngeke isabonakala kuleso sikhathi.

Nokho, akakasho ukuthi lolu hlelo seluvalwe unomphela, njengoba esachaze ukuthi lusathatha ikhefu ngenxa yezindleko.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *