UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

UTHI USAPHEPHILE OKWAMANJE USOPOLITIKI OTHI U-STANDARD BANK UMTHENGELE IZINKABI

UMpho Dagada usekhulume okokuqala ngemuva kwamahora angu-24 agcwele ukwesaba, ethi manje usephephile kulandela izinsongo abethi ziqondiswe ngqo empilweni yakhe.

UDagada ukhiphe isitatimende ngo-2 October 2026, ebonga kakhulu abantu abaphendule esicelweni sakhe sosizo ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi esesaba impilo yakhe.

Uthe iziphathimandla eziphethe ezokuphepha zingenelele ngesikhathi esibucayi zamkhipha engozini. Ubonge ngokukhethekile amaphoyisa aseSandton, athi aphendule ngokushesha futhi amsize ngesikhathi esidinga usizo.

UDagada uthi okwenzekile kube yinto ebuhlungu kakhulu kuye, ikakhulukazi izinsolo zokuthi ubelandelwa ngemoto ngesikhathi eya esikhumulweni sezindiza.

Ubuye wathi uthole izinsongo eziqondene ngqo nempilo yakhe, okumenze wesaba ukuthi kungenzeka angaphinde abone ukusa.

IZINSOLO EZISASHISA

Nokho, uDagada uthi udaba oluthinta ama-akhawunti e-Arise South Africa kanye nezinsolo zokucinywa kwemibhalo nobufakazi bezezimali alukapheli.

Uthi lezi zindaba zisaphenywa futhi azikaxazululeki, kodwa okwamanje ubeka ukuphepha kwakhe kuqala.

UDagada waziwa njengomholi we-Arise South Africa, iqembu lezepolitiki eligxile ezindabeni zokubusa, umnotho kanye nokuguqulwa kwesimo sezwe.

Kulesi simo esishubile, uDagada uthi udinga ukuthula ngemuva kwalokho akuchaze njengamahora anzima kakhulu empilweni yakhe.

Uphethe ngokubonga bonke ababelane ngemiyalezo yakhe, bamthandazela futhi bameseka ngesikhathi esaba ukuthi impilo yakhe isengcupheni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *