UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

UMZANSI USUBUZE U-CASSPER UKUTHI UBUDAYISA KANJANI UTSHWALA ENGUMZALWANE?

Umrepha odumile uCassper Nyovest ubhekene nemibuzo yokuthi kuhlangana kanjani ukuba ngumKristu ozinikele nokuba nebhizinisi elidayisa utshwala. 

Lolu daba luqubuke ngemuva kokuthi uMac G, ongumethuli wohlelo lwe-podcast, ekhulume ngokungaphumeleli kweBilliato, nokuholele ekutheni uCassper aphendule egxeka labo abasabalalisa lezi zinkulumo ezinkundleni zokuxhumana.

Ebhala ku-X, uCassper usole abantu ngokukholwa yinoma yini abayizwayo bengazihlolanga isiqiniseko kuqala.

“That nigga definitely knows that yall are dumb and yall don’t do research. Yall just believe anything that makes you happy & start rejoicing. lol Billiato ? Failed ?” kubhala uCassper.

Uqhube wathi labo abathi iBilliato yehlulekile abazi ukuthi leli bhizinisi likhulu kangakanani, waze wathi uma engaveza izibalo zokudayisa, abamgxekayo bangamangala.

“If I ever shared sales yall haters would kill yourself, I promise you. You don’t understand how big that brand is,” kuqhuba yena.

Kodwa ngesikhathi uCassper evikela ibhizinisi lakhe, abanye abantu baqale ukubuza ukuthi umKristu ozinikele angazibandakanya kanjani nebhizinisi lotshwala.

Le mpikiswano isivuse ingxoxo ngobudlelwano phakathi kwenkolo nezamabhizinisi, abanye bezibuza ukuthi ukuba nebhizinisi lotshwala kuyahambisana yini nezinkolelo zobuKristu.

UCassper yena ugxile ekuvikeleni impumelelo yeBilliato, ethi abagxeki bakhe abawazi amaqiniso aleli bhizinisi.

Nokho, esitatimendeni sakhe esicashuniwe, akazange aphendule ngqo emibuzweni ephathelene nokholo lwakhe nobudlelwano balo nebhizinisi lakhe lotshwala

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *