UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

BAKHUMBULE UKUTHI BASAHLELELWE UKWEQA EMAKHAYA KUMENYEZELWA I-COMBO YE BIG 5 MUSIC FESTIVAL

Abathandi bomculo kaMaskandi bajabule kakhulu ngemuva kokuba abahleli bememezele iphromoshini yamathikithi e-combo anenani elehlisiwe emcimbini wesine waminyaka yonke weBig 5 Music Festival eHluhluwe.

Lo mkhosi uzoba mhla ziyi-19 kuZibandlela wezi-2026 eMakhasa Stadium eHluhluwe, KwaZulu-Natal.

Emuva kwalesi memezelo kusuke igidigidi ezinkundleni zokuxhumana, abanye baze bathi le-combo ibenze bakhumbula ukuthi basahlalelwe ukweqa emakhaya! 

Ngaphansi kwale phromoshini, iqoqo labantu abahlanu lingangena ngo-R600, okusho ukuthi ithikithi elilodwa libiza u-R120.

Abahleli bafake amathikithi angu-500 kuphela kule ntengo yephromoshini.

Lepromoshini iqale mhla ziyisi-7 kuMfumfu wezi-2026 futhi sizoqhubeka kuze kube mhla ziyisi-7 kuLwezi wezi-2026, noma kuze kuphele amathikithi abekelwe le phromoshini.

Ngokusho kwabahleli amathikithi ayatholakala kwa-V Tickets, kwa-Shoprite, kwa-Checkers nase-Usave.

Kulindeleke ukuthi lo mkhosi uhehe abathandi bomculo ngesikhathi samaholide okuphela konyaka, kanti lesi sivumelwano se-combo sihlose ukusiza iqoqo labangani elizohamba ndawonye.

Lesi simemezelo sidale injabulo kubalandeli beMaskandi, abaningi babo abaphawule ngethuba lokuhambela lo mcimbi ngentengo eyehlisiwe.

Abanye abalandeli bajabule kakhulu baze bathi, “Basahlalelwe ukweqa emakhaya,” njengoba lesi simemezelo se-combo sidale isiphithiphithi ezinkundleni zokuxhumana.

Lo mcimbi uzophinde ube namathikithi e-VIP nawe-VVIP.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *