UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

Advertisement

UMHOLI WE ACTION SA USENCOME I-PODCAST RADIO AND STUFF

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA

Umholi we-ActionSA KwaZulu-Natal, uZwakele Mncwango, ukuqinisekisile ukuthi usanda kuba nengxoxo nePodcast Radio and Stuff, encoma le nkundla ngobungcweti bayo nangokuhlonipha umsebenzi wobuntatheli.

Ngaphambi kwengxoxo, uMncwango uveze ukuthi ingxoxo izogxila odabeni lokufuduka kwabantu ngokungemthetho (illegal immigration), kodwa wacela ukuthi angabuzwa ngemibuzo ephathelene nodaba lwango-30 Juni.

“Ngivumile ukwenza le interview with Podcast Radio and Stuff ngoba bayawuhlonipha umsebenzi wabo futhi basebenza ngobungcweti. Bacela sixoxe ngendaba ye-illegal immigration, kodwa ngicela bengangibuzi ngo-30 June. Engikwaziyo, abahambe. Wena uthini?” kusho uMncwango.

Ingxoxo seyenzekile futhi kulindeleke ukuthi isakazwe namhlanje ntambama.

Amazwi kaMncwango adale inkulumo ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi mayelana nokubhekisela kwakhe osukwini lwango-30 Juni. Nakuba engazange anabe ngalolu daba, ukuphawula kwakhe kushiye abaningi bezibuza ngokubaluleka kwalolo suku kanye nabantu athe “sebahambile.”

Abalaleli bangalindela ukuthi ingxoxo igxile kakhulu odabeni lokufuduka kwabantu ngokungemthetho kanye nomthelela wako eKwaZulu-Natal naseNingizimu Afrika, kanye nezinye izindaba ezithinta umphakathi nezepolitiki.

Kulindeleke ukuthi kuvele eminye imininingwane uma ingxoxo yonke isisakaziwe ntambama namhlanje

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *