UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Umsakazi weZwi Lomzansi FM, uPortia Maphumulo, usaqhubeka nokuvikela iGated Capital Club naphezu kwezikhalo zabantu abathi abalitholanga imali yabo.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi eqinisekise ukuthi umisiwe emsebenzini esiteshini i-Izwi Lomzansi FM kulandela impikiswano eshubile mayelana nokuzibandakanya kwakhe kule nhlangano yokutshala imali.
Kunalokho ukuthi ahlehle, uPortia uthi uzoqhubeka nomsebenzi awuqalile.
Ezinkundleni zokuxhumana ugxeke abakhonondayo, ebabiza ngokuthi babuthaka futhi bathuswa yizinkinga ezincane.
Uthi ikilabhu ayivali futhi abantu kumele bayeke ukukhala ngenxa yalokho akubiza ngokuthi yizingqinamba zesikhashana.
UPortia uyaziphika izinsolo zokuthi le nhlangano iwumkhonyovu noma uhlelo lwe-pyramid scheme. Uthi inkinga enkulu wukuthi ibhizinisi lihamba kancane, hhayi ukuthi imali iyanyamalala.
Uphinde wathembisa ukukhipha amavidiyo nobufakazi bezinkokhelo ukuze abonise ukuthi amalungu amaningi ake akhokhelwa.




















Leave a Reply