UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

Advertisement

SEKUDALULWE ISIBALO SABALALELI BOKHOZI FM BREAKFAST SHOW

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA

Umdidiyeli wohlelo lwasekuseni kuKhozi FM, uSihle Mvundla, useveze ngokuziqhenya ukuthi uhlelo lwabo lulalelwa ngabantu abayizigidi ezi-1.5 masonto onke, okulubeka njengolunye lwezinhlelo zomsakazo ezinkulu nezinamandla eNingizimu Afrika.

UMvundla udalule lezi zibalo ngemuva kokuba ithimba lohlelo lwasekuseni livele ohlelweni i-Eintlek: Let’s Connect olusakazwa kuSABC 2 ngoLwesine, lapho ababukeli bethole khona ithuba lokubona indlela okukhiqizwa ngayo lolu hlelo oludume kakhulu.

“Kuyisibusiso ukuba yingxenye yohlelo lwasekuseni olukhulu kunazo zonke e-Afrika,” kubhale uMvundla.

“Silalelwa abalaleli abayizigidi ezi-1.5 masonto onke kuKhozi FM phakathi kuka-6 ekuseni no-9 ekuseni. Kuyinhlonipho enkulu kimi ukukhiqiza nokusebenzela uhlelo lwasekuseni olukhulu kunawo wonke e-Afrika.”

Lolu hlelo luholwa ngu Vee Mthembu, uMROZA Wangempela, uSimtho Dladla, kanye no Clarissa Mfeka, asebezakhele igama ngokuletha izindaba, ezokungcebeleka, izingxoxo ezithinta umphakathi kanye nezivakashi ezivelele njalo ekuseni.

Le mpumelelo iqhubeka nokuqinisa igama loKhozi FM njengomsakazo ohamba phambili e-Afrika ngokwenani labalaleli, kanti uhlelo lwasekuseni luyaqhubeka nokuba ngolunye lwezinhlelo ezithandwa kakhulu yizigidi zabantu.

Amazwi kaMvundla athole ukwesekwa okukhulu kubalaleli nakubantu abasembonini yezokusakaza, abancome ithimba ngokusebenza kanzima nangokuqhubeka nokuletha uhlelo oluthinta futhi olujabulisa abalaleli nsuku zonke.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *