UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

Advertisement

ODJ NABABOLEKISI BE SOUND BAKHALA NGOWE GAGASI FM NGEMALI ENCANE!

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA 

Kusuke impikiswano enkulu ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuthi umsakazi weGagasi FM uFelix Hlophe eveze uhlu lwezindleko zomshado, olufake phakathi amanani okuthi uDJ angabiza uR5 000 kanti ukuqashwa kwe-sound system kube nguR7 000.

Lawa manani awamukelwanga kahle oDJ abaningi kanye nosomabhizinisi ababolekisa nge sound system, abathi awahambisani neqiniso lezindleko ezikhokhwa embonini.

Baveze ukuthi lokhu kuveza sengathi umsebenzi wabo awubalulekile, kanti yibo abenza umcimbi ube be vibe futhi uphumelele.

Abanye baphawule ngokuthi abantu bavame ukusebenzisa izimali ezinkulu kwezinye izinto zomshado, kodwa uma sekufika isikhathi sokukhokhela uDJ noma i-sound system bafune amanani aphansi.

Omunye uDJ uphawule ngokuthi uDJ osezingeni eliphezulu uvamise ukukhokhelwa imali esukela kuR12 000 kuya phezulu, kuye ngohlobo lomcimbi, isikhathi azosebenza ngaso kanye nolwazi analo embonini.

Naphezu kokugxekwa okuningi okuvele ezinkundleni zokuxhumana, uFelix Hlophe ubengakaphenduli ezikhalazweni zaboDJ nababolekisi be-sound system mayelana namanani awavezile.

Ingxoxo ngalolu daba isaqhubeka, abaningi bethi ayikho intengo eyodwa emisiwe njengoba amanani ehluka ngokohlobo lomcimbi, indawo kanye nezinga lomhlinzeki wesevisi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *