UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Isikhulu somsakazo uGreg Maloka sesigcine siphule ukuthula ngezinsolo ezingaziwa eziphinde zasabalala ezinkundleni zokuxhumana kulandela isimemezelo sobudlelwano bakhe obusha kwezebhizinisi.
Esitatimendeni asikhiphe ngoLwesithathu mhla ziyi-7 kuNtulikazi 2026, uMaloka uthe lezi zinsolo zaqala ukuvela eminyakeni emihlanu eyedlule.
Uthe ngaleso sikhathi wakhetha ukungaziphenduli emphakathini, kunalokho wathatha ikhefu emsebenzini ukuze kuvunyelwe ukuthi kuqhubeke uphenyo oluzimele.
Ngokusho kwakhe, lolo hlelo lwathatha isikhathi eside kunalokho obekulindelekile, okwagcina sekudale ukungathembani phakathi kwakhe nomqashi wakhe wangaleso sikhathi.
Uthe wagcina esesula emsebenzini ngemuva kwezinyanga ezinhlanu, uphenyo lungakafinyeleli esiphethweni.
UMaloka uphinde waveza ukuthi lezi zinsolo ezingaziwa zavela ngesikhathi kuqhubeka uhlelo lokudilizwa kwabasebenzi ngaphansi kweSigaba 189 ngesikhathi sobhubhane lwe-COVID-19, njengengxenye yokuhlelwa kabusha kwenhlangano.
Uthe wazichitha lezi zinsolo, wazibiza ngamanga asabalaliswa kabanzi.
“Ngihlale ngithule ngenxa yokuhlonipha ubumfihlo balezo zinqubo. Lokho kuthula akumele kuthathwe njengokuvuma ukuthi ngenze okungalungile,” kusho yena.
Uqhube wathi noma ubani okholelwa ukuthi unesikhalo esisemthethweni ukhululekile ukusilandela ngezindlela ezifanele zomthetho.
Uthe futhi unesiqiniseko sokuthi uma kukhona ukukhathazeka okuzovezwa kubalingani bakhe kwezamabhizinisi, bazokusingatha ngendlela efanele.
UMaloka uthe le minyaka emihlanu ibe nomthelela omkhulu emndenini wakhe, obeke wabhekana nokuhlaselwa emphakathini izikhathi eziningi ngesikhathi yena ekhetha ukuthula.
“Yikho konke engizokusho ngalolu daba,” kusho yena.
Uvale ngokuthi ugxile ekusebenzeleni amakhasimende akhe, ekuhlonipheni ukwethenjwa abalingani bakhe kwezamabhizinisi abakubeke kuye, nasekuqhubekeni nokwakha amabhizinisi aphathiswe wona. Uphinde wabonga amakhasimende, ozakwabo kanye nabo bonke abaqhubeke nokumeseka nokumethemba.
Ngesikhathi kushicilelwa le ndaba, isitatimende asizange sibadalule abantu abasabalalisa lezi zinsolo futhi asizange sinikeze imininingwane nganoma yiziphi izinyathelo zomthetho.
UMaloka ugcizelele ukuthi zonke izinsolo ezibhekiswe kuyena zingamanga.




















Leave a Reply